Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umthwebuli wezithombe waseKhayelitsha uSimphiwe Ntshayi uqale isisekelo sokusiza abantu abakhubazekile ukuthi baveze amakhono abo.
Uthi umphakathi kumele ubheke umuntu kuqala, hhayi ukukhubazeka, unike wonke umuntu ithuba lokukhombisa amakhono akhe.
Indoda yaseKhayelitsha enesifo sovendle isebenzisa uthando lwayo lokuthatha izithombe ukuze ikhuthaze abanye abaphila nokukhubazeka.
USimphiwe Ntshayi (39), wenqaba ukuvumela isimo sakhe simvimbe ekujaheni amaphupho akhe.
“Ngikhule ngiyingane eyodwa ekhubazekile enesifo sovendle, ngikhuliswa ngumama kumphakathi ongekho mkhulu, nakuba izimo zikhona kodwa ngangizitshela ukuthi ngizowenza ushintsho emphakathini,” kusho uNtshayi.
Ngemva kokuqeda isikole, walandela uthando lwakhe lokuthatha izithombe.
Ikhono lakhe limenze wasebenza ezinhlelweni eziningi, okubalwa i-Freedom nowayengumdlali we-Ajax Cape Town.
NgoNcwaba ka-2022, uNtshayi waqala isisekelo sokusiza abanye abantu abakhubazekile ukufeza izinhloso zabo.
“Isisekelo sami sigxile kakhulu ekugqugquzeleni abantu abakhubazekile ukuthi bangazibukeli phansi futhi abanye abantu babone umuntu kuqala, hhayi ukukhubazeka.
“Kufanele bacele ukwazi umuntu bangabheki ukukhubazeka. Sonke sidinga ukunikwa amathuba ukuze siveze amakhono ethu,” usho kanje.
Isisekelo sakhe sinethemba lokusingatha imicimbi yaminyaka yonke yabantu abakhubazekile ukuze baveze amakhono abo.
Uma ngingathola usizo sizokwazi ukuba nemicimbi yaminyaka yonke yokweseka nokufukula abaphila nokukhubazeka, lapho sizomema nabakhubazekile ukuze babone umsebenzi omuhle esiwenzayo ngaphandle kokukhubazeka kwethu,” kusho uNtshayi.

UNokonwaba Dondi (45), okhubazekile ugqugquzelwe umsebenzi kaNtshayi.
“Okubuhlungu kakhulu ngokukhubazeka abantu abakudabukelayo bacabanga ukuthi ngeke ukwazi ukwenza izinto ngenxa yokukhubazeka kwakho, uma singakushintsha lokho singabona ushintsho olukhulu, ngiyethemba ukuthi uyaluthola usizo aludingayo ukuze sikwazi ukukhombisa amakhono ethu,” kusho uDondi.
Osesithombeni esingenhla: USimphiwe Ntshayi, indoda ekhubazekile efuna ukukhuthaza abanye abantu abakhubazekile ngokuthwebula izithombe.
Umthombo: Sithunyelwe