Ukukhubazeka akumele kuvimbe amaphupho akho

Thathe Msimango

U-Alwande Skhosana usendleleni enhle yokuba isihlabani sakuleli esihamba phambili njengomdlali wethenisi ohamba ngesihlalo esinamasondo.

Yize ekhuliswe endaweni entulayo, kodwa uSkhosana odabuka elokishini laseMlazi akazange avumele lezo zimo ukuthi zivimbe amaphupho akhe.

Lo mfundi oneminyaka engu-22 ubudala waseNyuvesi yasePitoli okwamanje uhleli endaweni ka-31 emhlabeni futhi uhlezi phezulu ohlwini lwabase-Afrika.

USkhosana wayezinikele kwezemidlalo kusukela esemncane njengoba ebambe iqhaza emidlalweni eminingi eyahlukene ngaphambi kokuthola ubizo lwakhe enkundleni yethenisi.

“Ngesikhathi ngisesikoleni ngangingumfundi owayebamba iqhaza emidlalweni eminingi kusukela ku-water polo, ibhola lezinyawo ngisho nebhola lomnqakiswano. 

“Kodwa ukuze ngikhombise abaningi ukuthi uma ukhubazekile akukho ongakwazi ukukwenza ngakhetha ukudlala umdlalo ngamunye. Lokho kwaba isinqumo esingcono kakhulu kumina ngoba ngikwazile ukuba ngomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni.”

USkhosana osanda kuthola indondo ye-Sportsman of the Year ngokukhubazeka emklomelweni wezemidlalo KwaZulu-Natal waba sematheni nyakenye ngesikhathi kuqhubeka i-Antalya Open e-Turkey.

Uhlule abadlali ababili abahamba phambili kwabangu-20 endleleni yakhe yokungena kowandulela owamanqamu.

“Leso sikhathi ngisithatha njengesinye semiqhudelwano ehamba phambili empilweni yami. Bekuwumqhudelwano wami wokuqala selokhu ngaqala ukudlala ezingeni eliphezulu,” kusho lo mdlali owake waba kwinombolo yesibili yomhlaba.

“Ngicabanga ukuthi kulowo mqhudelwano ngikhombise abaningi ukuthi ngiyakwazi ukuqhudelana nabadlali abahamba phambili emhlabeni. Ukuhlula abadlali ababili ababekwe endaweni ephezulu  nokufika kowandulela owamanqamu akuwona umdlalo olula.

“Kodwa leso sikhathi ngangingasijabulela kuze kube phakade. Futhi ukubekwa endaweni yesibili kwabancane abahamba phambili emhlabeni ngesikhathi esisodwa kukhulu kumina. Kuyakhombisa ukuthi ngiyakwazi ukulwa uma ngingena enkundleni.”

Lo wesilisa oqeqeshwa nguGerald Stoffberg unezifiso ezinkulu okuhlanganisa nokuwina isicoco se-Grand Slam.

“Inkinga nginemiqhudelwano emincane phesheya kwezilwandle njengoba ngithola eyisithupha ngonyaka. Uma ngikwazi ukuthola eminye imiqhudelwano ngingangena kalula ohlwini lwabantu abayishumi. Kuyimanje baqoqa amaphuzu mina ngimatasa ngizama ukuhlanganisa imali encane eyengeziwe yokuhamba.

“Umfelandawonye we-Wheelchair Tennis South Africa uyasiza, kodwa bashayeke kanzima ngesikhathi sobhubhano lwe-Covid-19. Inhloso yami enkulu kule minyaka emihlanu ezayo ukuwina i-Grand Slam futhi kungenzeka uma ngingathola umxhasi.”

Osesithombeni esingenhla u-Alwande Skhosana

Umthombo wesithombe: @TeamSA

Izihloko zakamuva