Ukukhishwa kwelibomvu kuphazamise oweCurrie Cup

Lubhalwe nguLucky Maree

➤  Okuthuse abaningi kweyeNdebe yoMhlaba ikhadi elibomvu elinikezwe u-Elrigh Louw ngaphambi nje kokuthi kuyiwe ekhefini emdlalweni obuphakathi kwamaBlue Bulls neCheetahs e-Loftus.

Ngesikhathi unompempe u-AJ Jacobs ejabule ngokukhipha ikhadi eliphuzi “ngokudlala kabi” u-Aimee Barrett-Theron usebenzise igunya lakhe elinonya emdlalweni.

“Bhekisisa futhi,” egcizelela  ekhombisa unompempe ukuthi kufanele akhiphe ikhadi elibomvu, wawushintsha wonke umdlalo.

Siyethemba ukuthi amakhadi ngeke abe isinqumo ngeNdebe yoMhlaba – ikakhulukazi kumaBhokobhoko.

Ibhola lombhoxo liwumdlalo ophakathi kwabadlali abangu-15 iqembu ngalinye. Yize amaBlue Bulls ehlulwe kulo mdlalo, enze okwanele ukuthi athole amaphuzu amabili ebhonasi ukuze adlulele endaweni yesine kwi-log ye-Currie Cup nokuthi angene kweyomkhumulajezi.

➤ Okuncomekayo ngomdlalo weGriffons namaLions e-Welkom, e-Free State ukuthi iGriffons ithole amaphuzu angu-22.

Emdlalweni ongenzanga mehluko kunoma ngubani ngaphandle kwabadlali, amaLions ashaye ama-try amahlanu kanti uSanele Nohamba nguye obehamba phambili.

Kodwa ukushaya ama-try kuyingxenye yomsebenzi wamaLions.

Kumele kube isexwayiso ngesizini ezayo eqenjini laseGoli ukuthi livumele iGriffons ishaye ama-try amathathu.

AmaLions kuzomele acije kwezokuvikela noma azoba nenye i-Currie Cup embi ngonyaka ozayo.

➤ Bekungasiwo umdlalo ogculisayo kwiPumas okungompetha be-Currie Cup kodwa ekugcineni bakhombise 

umoya abadume ngawo ngokuhlula iGriquas.

Yize beshaye ama-try amathathu kwamabili baqinise indawo yabo endaweni yesithathu kwi-log baphinde bazibekisela indawo kweyomkhumulajezi kodwa akekho ongathi bekuwumdlalo ogculisayo.

➤ IWestern Province idlale umdlalo osezingeni eliphezulu kodwa uma kwenzeka kube nento okuthiwa ukudlala kancane lokhu bekuyikho.

Balivale ngamandla isango le-Currie Cup. Banenebule amaSharks ngokushaya ama-try ayisithupha ngesikhathi amaSharks eshaya i-try eyodwa.

Yebo kugqamisa izinselelo zeqembu elidlala emiqhudelwaneni emithathu ehlukene ngesikhathi esisodwa. Uma kubhekwa ukuziqeqesha kweWestern Province benze kahle kakhulu. Ngokudabukisayo amaSharks awenzanga kahle.

IGriffons (ama-try amathathu) 22-39 amaLions (ama-try amahlanu)

IGriquas (ama-try amabili) 17-27 iPumas (ama-try amathathu) 

amaBlue Bulls (ama-try amane) 27-31 iCheetah (ama-try amane)

iWestern Province (ama-try ayisithupha) 44-5 amaSharks (i-try eyodwa)

Izihloko zakamuva