Ukukhexa kuphuma izintandokazi kweye-Afcon

Dylan Bettencourt

I-Africa Cup of Nations yenze abantu bamangala kakhulu njengoba i-Tunisia ikhiphe i-Nigeria eyintandokazi ngokunqoba ngo 1-0.

Yize abantu baseNyakatho ne-Afrika bebhekene nengwadla ye-Covid-19 ngaphambi komdlalo wabo wokugcina wamaqoqo, kanye nokungabi khona komphathi wabo, uMonher Kebaier, i-Tunisia iguqise ama-Super Eagles ukuze idlulele kuma-quarterfinal e-Afcon.

I-Nigeria iyiwine yomthathu imidlalo yesigaba samaqoqo futhi yenza abantu abaningi bakholelwa ukuthi izohamba yonke indlela futhi iwunqobe umqhudelwano. Bawuqale umdlalo bebukeka njengompetha, babeka i-Tunisia ngemuva zisuka nje.

Kwakungathi sibukele “Ukhozi Olukhulu” luzingela inyamazane yalo, lulindele isikhathi esifanele sokugxuma kodwa lowo mzuzu awuzange uvele.

Kodwa indlela yokudlala ehlukile ye-Tunisia iqinisekise ukuthi basendleleni yokunqoba isicoco sabo sesibili se-Afcon, ngemuva kokunqoba okokuqala eminyakeni engamashumi amabili edlule.

Abase-Nigeria bebemangele, ngenxa yakho konke ukuphatha kwabo kanye nokubusa, i-Tunisia ithole igoli ngomzamo omangalisayo ka-Youssef Msakni ovale amaphutha kanozinti omncane.

Ama-Super Eagles nokho ehlise imimoya aqhubeka nokufaka ingcindezi kodwa konke lokho kwashintsha njengoba kufakwe u-Alex Iwobi. Lesi sihlabani se-Everton sibe senkundleni imizuzu nje ngaphambi kokuthi sikhishwe ngekhadi elibomvu.

Odlala esayidini uzame ukubamba umgadli wase-Tunisia eqakaleni  okubukeka sengathi kube iphutha, unompempe nokho ukhiphe isinqumo esihlukile futhi wathumela u-Iwobi ngaphandle wamukhipha ngekhadi elibomvu.

Kuzo zonke izinkinga zase-Tunisia kulo mkhankaso we-Afcon, abantu baseNyakatho ne-Afrika bakhombise ukulwa okumangalisayo nokuzimisela ukuvimba abase-Nigeria ukuba banqobe.

Manje i-Nigeria isijoyine abadlali abafana ne-Algeria ne-Ghana njengoba isanda kuphima kulo mqhudelwano omangalisayo. Njengoba kufana nokuthi bakhishwe ngefasitela e-Cameroon.

Umthombo wesithombe: @YesWeCrann

Izihloko zakamuva