Ukukhathazeka ngokuphepha kofakazi ecaleni likaGumede

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Icala lenkohlakalo eliqhubekayo lika-R320 million lowayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede kudingeke ukuthi lihlehliswe ngoMsombuluko ngemuva kokusatshiswa kofakazi bombuso.

Kwenziwe izicelo eziphuthumayo zokuthi bavikelwe.

Umshushisi woMbuso u-Ashika Lucken udalule ukuthi kube nesigameko sokudubula emzini womunye wofakazi nokuyinto ephakamise uvalo ngokuphepha kwabo.

Lesi sigameko sibikwe ithimba labashushisi ngezithuba zabo-18:30 ngoMgqibelo kanti akukabikwa muntu oshonile.

Phambilini uMbuso Ngcobo obengufakazi wokuqala wombuso kuleli cala noke waba umphathi wophiko lwe-Integrity and Investigation Unit wesula esikhundleni ngemuva kokuthola izinsongo.

Umholi we-African Democratic Change uVisvin Reddy uzwakalise ukukhathazeka ngokusatshiswa kofakazi abathintekayo kuleli cala.

“Sikhathazeke kakhulu ngezinsongo zakamuva ezibhekiswe kofakazi bombuso ecaleni elithinta lowo owayeyimeya nomholi wesifunda saseThekwini uZandile Gumede,” kusho uReddy.

“Leli cala libandakanya amacala abucayi okuqola, ukukhwabanisa kanye nenkohlakalo ethinta imali engaphezu kuka-R300 million okusolwa ukuthi yebiwa esikhwameni sikamasipala.

Ephendula ngalesi simo esishaqisayo uReddy ugcizelele ukubaluleka kokuqinisekisa ukuthi uhlelo lwezomthetho lusebenza ngaphandle kokuphazamiseka.

Esithombeni esingenhla: OwayeyiMeya yeTheku uZandile Gumede

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva