Everson Luhanga
UNdlunkulu wendawo yakwa-Raphahlelo nguShapo Johanna Raphahlelo obusa phezu kwesifunda sase-Mopani e-Limpopo.
Engxoxweni yakhe ekhethekile ebibanjwe ezindlini zasebukhosini uxoxe kabanzi ngokwanda kwezitolo e-Limpopo, kodwa uphinde wakhuluma ngodaba ababhekene nalo olumkhathaza kakhulu.
Uthe ukudla okudayiselwa abantu bendawo kwesinye isikhathi kusuke sekuphelelwe isikhathi okudala izinga eliphezulu lokudla okunoshevu emiphakathini.
Ngaphandle kwezitolo ezilawulwa ngendlela efanele endaweni, izakhamuzi azinakho ukuzikhethela ngaphandle kokuthenga ezipaza kanti enye into ababhekana nayo ukungabi nemali yokuya emadolobheni okubiza u-R100 ukuya nokubuya.
Amazwi eNdlovukazi afakazelwe ngumfundisi webandla i-Zion Christian Church (ZCC) obekhuluma ne-Scrolla.Africa kwelinye lamagatsha aleli bandla endaweni yakwa-Raphahlelo.
Umfundisi uJerry Monyaka uthe kule minyaka edlule kuke kwagcwala abantu emabandleni abafika nezimpawu zokugula befuna usizo lwabo. “Abantu bayasicela ukuthi sibasize ngomuthi wethu ophuzwayo ukuze bahlanze igazi labo ngaphakathi,” kusho umfundisi.
“Kuke kwabikwa kuthina ukuthi ukudla abakudlayo yikhona okubagulisayo.
Ngakho-ke saba nethimba labadala besonto abaphezulu ababezinikele ukusiza abagulayo ngisho nasemakhaya abo.”
Uthisha wesikole samabanga aphezulu i-Sekgosese ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa njengoba engavunyelwe ukukhuluma nabezindaba uthe ekuqaleni konyaka isikole sonke sike sahlaselwa ukugula ngenxa yokudla osekudlulelwe isikhathi abafundi abaningi baphuthunyiswe emitholampilo eyahlukene.
“Le ndawo inemitholampilo emibili ehlinzeka abantu abaningi basemakhaya ngosizo lwezempilo kanti ukudla okunoshevu kuqeda umoya osuvele uthwele kanzima kulezi zigodi,” kusho lo thisha.
Uphinde wathi sebebavimbile abantu ukuthi badayisele abafundi besikole ukudla osekuphelelwe isikhathi abakuthenga ezipaza.
Ithimba le-Scrolla.Africa likhulume nomphathi wesiteshi samaphoyisa e-Sekgosese uColonel Machete uqinisekise udaba lwabafundi abadayiselwa ukudla osekudlulelwe isikhathi esikoleni wathi uhlale efunda ngezindaba zokudla osekudlulelwe isikhathi okutholakala ezitolo ezijwayelwe ukubhalwa abantu bakule ndawo ezinkundleni zokuxhumana.
“Sihlela ukuyobheka lezi zipaza siphinde sibheke nokudla okudayiswa khona ukuthi akudlulelwe yini isikhathi.”
Uthe bazoboshwa abanikazi bezitolo uma betholakala bedayisa ukudla osekuphelelwe isikhathi.