UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele wethule izibalo zobugebengu zekota yesine ka-2022/2023 ngoLwesibili kuleli sonto.
Ngokombiko, ubugebengu obunodlame bunyuke ngo-4% phakathi kukaMasingana noNdasa kulo nyaka uma kuqhathaniswa nesikhathi sika-2022.
Izibalo ziveza ukuthi zingu-6,289 izigameko zokubulala ezibikiwe, okukhombisa ukwenyuka ngo-3.4%. Izibalo zokuzama ukubulala zinyuke ngo-8.4% kanti amacala angu-6,192 abikwe ngekota yesine ka-2022/2023.
Amacala okushaya ngenhloso yokulimaza (GBH) akhuphuke ngo-0.7% kanti izigameko ezibikiwe zingu-43,090. Amacala okushaya ajwayelekile nawo abe nokwanda okukhulu ngo-7.6%, kanti isibalo sekota yesine sifinyelele kumacala angu-49,266.
Ezinye izigameko ezihamba phambili ezinomthelela ekubulaweni, ukuzama ukubulala kanye nokuhlasela nge-GBH zibonakala zisuka ngezingxabano, ukungazwani kahle, ulaka lomgwaqo, nokuchukuluza.
Lezi zigameko izona ezidale amacala okubulala angu-872 ngekota yesine yonyaka kanti amacala angu-1,182, awokuzama ukubulala, angu-16,645 awokuhlaselwa.
Ezinye izigameko ezinomthelela ekubulaleni nasekuhlaseleni zihlanganisa ukuqapha noma ubulungiswa obusuke bufunwa umphakathi (angu-588 amacala okubulala, angu-58 awokuzama ukubulala, kanti angu-428 awokushaya ngenhloso yokulimaza (GBH), ukugebenga (angu-345 awokubulala, angu-774 awokuzama ukubulala, angu-430 awokuhlasela), ukuchukuluza, ukuziphindiselela, nokujezisa ( angu-289 okubulala, angu-318 okuzama ukubulala, namacala okushaya angu-1,946) amacala ahlobene namaqembu ezigelekeqe (angu-152 okubulala, awokuzama ukubulala angu-220, awokuzama ukushaya angu-13), izigameko ezihlobene namatekisi (awokubulala angu-76, awokuzama ukubulala angu-24, kanye nawokuhlasela angu-12.)
Amacala otshwala nezidakamizwa nawo abambe iqhaza elikhulu ezibalweni zobugebengu, okuholele ekutheni kube nezigameko zokubulala eziqinisekisiwe ezingu-227, amacala okuzama ukubulala angu-228, amacala okudlwengula angu-71 kanye namacala angu-2,604 okushaya. Lezi zigameko zenzeke kakhulu ezindaweni zokucima ukoma.
Ukwanda okushaqisayo kobugebengu obunodlame, ikakhulukazi ukubulala nokushaa kuveza ukukhathazeka okukhulu.
Umthelela wamacala ahlobene notshwala nezidakamizwa kulezi zinombolo ugcizelela isidingo esiphuthumayo sezingxoxo ezibanzi nokungenelela komphakathi.
UNgqongqoshe uBheki Cele uvumile ukuthi, phezu kwemizamo yamaphoyisa awazange aphumelele ukuvimbela noma yikuphi ukubulawa kwabantu ngenxa yezenzo zobugebengu, ephawula uhambo abasazoluhamba futhi wethemba ukuthi akulona uphawu olubi.
Luhlanganiswe umbhali we-Staff
Osesithombeni esingenhla: UBheki Cele
Umthombo wesithombe: I-Twitter