Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa abophe abesilisa ababili ngemuva kokuthola amaphilisi e-mandrax angabiza u-R1.5-million emotweni.
Izakhamizi zifuna amaphoyisa abambe abaphathi bezidakamizwa, bangagcini nje ngokubamba abadayisi abancane abalimaza imiphakathi.
Amaphoyisa abambe amadoda amabili nezidakamizwa zenani lika-R1.5-million emuva kokujaha imoto yabo ebigijima kuthelawayeka u-N1 eKapa.
Lesi sigameko siqale ngesikhathi amalungu e-Maitland Flying Squad ebona imoto yohlobo lwe-Golf 6 GTI ihamba ngesivinini. Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuyimisa imoto ivele yanyusa isivinini.
“Ngesikhathi umshayeli we-VW Golf ezwa ukuthi kukhona imoto ebalandelayo unyuse isivinini, nokuholele ekutheni amaphoyisa ayijahe,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi.
Amaphoyisa aphoqe imoto ukuthi ime eduze komgwaqo ophumayo e-Sable Road. Basesha abantu ababephakathi, bathola inqwaba yamaphilisi e-mandrax.
Abesilisa ababili abaneminyaka engu-37 no-40 ubudala baboshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi yaseKapa.
Isakhamuzi sakule ndawo uLungelwa Manzana (50), uthi amaphoyisa avamise ukubamba abadayisi abancane.
“Angikuthathi kancane ukuboshwa, kodwa udaba lwami ukuthi abajwayele ukuboshwa ongqondongqondo, yikho bekwazi ukuthola abanye abantu abangabasebenzisa. Ngakho-ke isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga kuboshwe bona, yilapho singabona khona ushintsho emiphakathini yethu,” kusho uManzana.
Esithombeni esongenhla: Amaphoyisa ashaqe izidakamizwa zenani elilinganiselwa ku-R1.5-million ku-N1 Highway.
Umthombo: Sithunyelwe