Ukujabha kuphela uhlelo lwama-Idols

Lubhalwe nguLinda Ximba

Abaculi abasafufusa bavuke ngezindaba ezibuhlungu ngeledlule ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi uhlelo lo mculo olubizwa ngama-Idols SA seluzofika emaphethelweni. Isizini ka-19 edlala kulo nyaka kuzoba ngeyokugcina.

UKhaya Mthethwa owawina ngo-2012, uthe uyohlala ewukweleta lo mqhudelwano ngoba wamvulela iminyango eminingi.

“Kwayiguqula ngokuphelele impilo ukuwina kulo mqhudelwano. Uma kwenzeka usuke uthukile ungazi ukuthi ukunqoba kuzoza nani, kodwa ngemuva kweminyaka eyishumi ngibonga ukuthi nginikwe amathuba okuphatha nokuqondisa izinhlelo ezahlukene zikamabonakude, ngasebenza ohlelweni lwe-The Lion King nokuhambela amazwe omhlaba,” kusho Isihlabani sokuzalwa eThekwini.

UMthethwa useke wathola izinhlelo zokwethula ku-SABC 1 nakuMzansi Magic futhi usebenze noThami Ngubeni we-Metro FM kuhlelo lwe-The Sacred Space njalo ngeSonto iminyaka emihlanu. Ngonyaka odlule ujoyine iKaya FM.

Amawele akwaQwabe aseThekwini, uViggy noVirginia awazange awine ngesikhathi engenela lo mqhudelwano ngo-2019, kodwa antshontshe izinhliziyo zababukeli abaningi. 

 UVirginia Qwabe uphawule wathi. “Uhlelo lwashintsha indlela esasiphila ngayo futhi umndeni wethu uphila kahle ngenxa yokuvela kwethu kuma-Idols. Ngaphandle kokusebenza ngaphansi kwe-Afrotainment noDJ Tira wodumo, sishaye igigi yokulingisa efilimini kaPastor Mjosty esihloko sithi-731 Nina Street. 

Kuyadabukisa ukuthi ama-idols ayaphela.”

UMmatema Moremi ube ingxenye yohlelo lwango-2015 kanti naye akazange aphumelele. “Kodwa ukuvezwa kuwona kungivulele iminyango eminingi. 

Ngisebenze njengomethuli wohlelo lwe-Gospel Unplugged ku-SABC 2 kusukela ngo-2018. Ngiphinde ngathola indawo yokulingisa emdlalweni i-Rhythm City nethi-Bone of My Bones.”

Osesithombeni esingenhla: UKhaya Mthethwa

Umthombo wesithombe: Idols SA

Izihloko zakamuva