Ukujabha kuphela i-Big Brother

Sizwe Sibiya

Ngemuva kohambo olujabulisayo lwezinyanga ezimbili, abahlanu bokugcina abasele kwi-Big Brother Mzansi bazoqhudelana bodwa ngesonto leshumi nelokugcina lombukiso odlala ubusuku nemini.

Abokugcina kwisizini yesithathu nguTulz, uGash1, uLibo, uMphowabadimo kanye noThemba bonke basethubeni lokuhamba nomklomelo wemali engu-R2 million.

Umnqamulajuqu uzoba ngeSonto, mhla zintathu kuMbasa.

UThemba, owine umqhudelwano wokubekezela ngeledlule, i-Ultimate Veto Power, ebambe ipuleti elineqanda amahora angaphezu kwangu-12, ulwela ukuba ngusozigidi we-Big Brother Mzansi ngokuba yintandokazi yabalandeli nokuba ngumdlali weqembu kulo mdlalo.

Omunye wabasele osethubeni elihle lokuhamba nomklomelo wemali, yisangoma sase-Daveyton (27), uDimpho Mvundla.

Udume ngelikaMphowabadimo.

Kodwa kungase kube nezimanga. Abavoti be-Big Brother Mzansi bahlezi bengaqondakali.

Muva nje intandokazi yabalandeli, uSis Tamara, ukhishwe ngosuku lwesi-63 lwalolu hlelo ehambisana noTerry kanye noThato, bonke abafinyelele kwabayisishiyagalombili abahamba phambili. Ngosuku lwesi-49 lwalolu hlelo, omunye oyintandokazi yabalandeli, uNale, osabalale kakhulu ngemuva kokuthola indondo uphume ngomhlaka-13 kuNdasa.

Ucabanga ukuthi ngubani ozohamba nomklomelo ka-R2 million?

Shiya umbono wakho ekhasini lethu  lezinkundla zokuxhumana: @Scrolla.Africa

Izihloko zakamuva