‘Ukuhluleka ukuthatha izinqumo eziphusile’ kuyilimazile iChiefs

Lubhalwe nguRazeen Gutta

  • Amakhosi  asehlulwe okwesine kule sizini emdlalweni wawo eKapa.

  • Iqembu lisaqhubeka nokuzabalaza, lengeza ingcindezi njengoba kuqhubeka umkhankaso.

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usephumele obala ngalokho akholelwa ukuthi akuhambanga kahle eqenjini lakhe ngesikhathi behlulwa ngo 1-0 yiCape Town City FC ngeSonto. 

Amakhosi ahlulwe okwesine kulo mkhankaso eKapa kwathi uDarwin Gonzalez wawinela osokhaya.

“Sibona sengathi bekungafanele sihlulwe kulo mdlalo. Ngeshwa-ke ibhola leli ngoba besibona sengathi besiwuphethe umdlalo, isikhathi esiningi besizihambela phambili,” kusho uNabi etshela abezindaba. 

“Besicindezela kahle. Besiwakha amathuba, kodwa besingenazo izinqumo ezinhle, ikakhulukazi kwesesithathu sokugcina ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.”

“Kwesinye isikhathi, besilokhu siphethe ibhola kakhulu esikhundleni sokudlala kusenesikhathi. Kwesinye isikhathi, besisheshe sidlale esikhundleni sokulinda.”

UNabi wengeze ngokuthi uzohlala phansi abuyele ebhodini ukuze abhekane nezinkinga zeqembu lakhe phambi kwamapali, namathuba amaningi okufanele enziwe.

“Kube yindaba yokuthi uma sehluleka ukushaya amagoli, kumele sakhe inqwaba yamathuba. Kodwa leli yibhola. Into esingayenza wukuthi sibuyele emuva siyosebenza,” echaza. 

“Angicabangi ukuthi sikhona isidingo sokuthi kukhulunywe ngendaba yokuvikela ngoba negoli lingene ngenxa yethu. Ngathi yinto ehambisanayo.”

“Abadlali bethu basemuva kumele bakhuphuke. Mhlawumbe sidinga ukusebenza kangcono ekuvikeleni kanye nayo yonke into ngemuva kokuphonswa kwebhola. Kuyi-counter-attack engenzeka, futhi amathuba esiwatholile ukube sikwazile ukushaya igoli elilodwa noma amabili, ngabe asikhulumi ngabavikeli njengamanje. “

Osesithombeni esingenhla: uNasreddine Nabi.

Umthombo: @kabelojtladi

Izihloko zakamuva