Oseke wawina i-Double World Cup uSteven Kitshoff uhlinzwe ngempumelelo intamo futhi unethemba lokuthi uzolulama naphezu kokulimala okubeke engcupheni umsebenzi wakhe.
AmaStormers athole umfutho ngokubuya kwabadlali ababili bamaBhokobhoko njengoba bezodudulana namaSharks kanti abanye abadlali abaningi sebecishe babe yimiqemane.
Umdlali wamaBhokobhoko uSteven Kitshoff uthi ukuhlinzwa kwakhe intamo kube yimpumelelo futhi uluchithile uvalo lokuthi umsebenzi wakhe ungase uphele.
Lo mdlali owine kabili iNdebe Yomhlaba uhlinzwe ukuze axhunw umgogodla entanyeni esebenzisa ithambo lasenqulwini. Uphumile kusukela ngoMandulo okuchazwe njengokulimala okucishe kwamqedela ikusasa lakhe ekudlaleni ibhola lombhoxo.
“Ukuhlinzwa kube yimpumelelo enkulu,” kubhala uKitshoff ku-Instagram. “Kuwo wonke umndeni wami, abangani, nabasekeli abaqotho ukungeseka kwenu kusho lukhulu kimi! Kuzoba uhambo olude lokululama, kodwa ngijabule ngekusasa elizayo.”
Umsizi womqeqeahi wamaStormers uDawie Snyman uthi angeke baxoxe okwamanje ngokubuya kwalo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala.
“Asikaze sikhulume nodokotela ongungoti noma sithole umbiko ovela kodokotela bakhe. Okokuqala sifuna ukuthi alulame mese siqhubeka laphoke,” etshela izintatheli.
Khonamanjalo, amaStormers amukele abadlali bamaBhokobhoko uSacha Feinberg-Mngomezulu noBen-Jason Dixon emdlalweni wangoMgqibelo namaSharks eThekwini, ohlelelwe u-5 ntambama.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Esithombeni esingenhla: USteven Kitshoff ngemva kokuhlinzwa kwakhe.
Umthombo: Steven Kitshoff/Instagram
