Ukuhlaselwa kwamatekisi kuqubule intukuthelo enkulu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Kuqubuke intukuthelo ngemuva kwezinsolo zokuthi izikhulu zaseKapa zishaye umshayeli wetekisi zaphinde zalimaza itekisi lakhe ngesikhathi kunomkhankaso wokugcinwa komthetho enkabeni yedolobha ngoLwesibili.

Isimo sishubile njengoba amaqembu ezepolitiki egxeka lesi sigameko ethi sinobandlululo sibhebhethekisa isimo.

Ukushaqwa kwamatekisi kwengeze ulaka futhi kushiye abashayeli bezizwa sengathi baqondwa ngokungafanele kulo mkhankaso wedolobha.

Kuthiwa ngesikhathi kushuba isimo abashayeli bamatekisi abebethukuthele begane unwabu bashaye iphoyisa lomgwaqo kanti kunevidiyo esabalalayo yezikhulu ezinodlame ezinkundleni zokuxhumana.

Ilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuphepha nokuvikeleka uJP Smith uzichithile izinsolo zesihluku esenziwa izinhlaka zomthetho.

Uthe ukushaqwa kwezimoto ezithutha umphakathi ezingu-15 kuholele ekutheni amatekisi avaleleke erenki yasesiteshini nasezindaweni eziseduze kwayo. Amaphoyisa abhekane nokuphikiswa kwadingeka ukuthi asebenzise iziqhumane kanye nesisi esikhalisa izinyembezi ukuhlakaza isixuku.

Kuthiwa abanye abashayeli bamatekisi bazivalele ngaphakathi etekisini amaphoyisa agqekeza imoto nokuyinto eholele ekutheni kuphihlizwe iwindi kukhishwe abashayeli bamatekisi emotweni.

USmith uthe idolobha ngeke lisatshiswe ngodlame oluqhamuka embonini yamatekisi uma kulandelwa umthetho kazwelonke.

UNobhala we-ANC esifundazweni sase-Western Cape uNeville Delport usigxekile isenzo sedolobha wathi sephula amalungelo abantu ayisisekelo.

Usole idolobha ngokuthatha indlela yobushiqela efana neyangesikhathi sobandlululo ikakhulukazi uma kukhulunywa ngezindaba ezithinta abampofu nabasebenzi.

“Izisulu zokuziphatha budedengu kwedolobha ngabantu abazama ukuziphilisa nsuku zonke. Basuka kude futhi basale dengwane baphinde baya emakhaya sekudlule isikhathi futhi lokhu kubabeke engcupheni yokuhlaselwa izigebengu,” kusho uDelport.

I-EFF Cape Metro ihambe emazwini akhe yagxeka “ukucekelwa phansi kwempahla ngesihluku” kanye nesihluku esisetshenziswe kubashayeli bamatekisi.

Iphendula ngalesi siphithiphithi, i-EFF imemezele izinhlelo zokuhlangana nabashayeli bamatekisi ukuze kudingidwe indlela eya phambili nokuzwakalisa ubumbano ngezinsolo zokungabi nabulungiswa.

Esithombeni esingenhla: Umkhankaso kweDolobha laseKapa udale isiphithiphithi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva