“Ukuhlaselwa kukaNkulunkulu”

UShepherd Bushiri, ozibiza ngomprofethi aphinde abengumholi we-Enlightened Christian Gathering Church (ECG), kanye nonkosikazi wakhe, uMary, banqatshelwe ibheyili enkantolo yemantshi yase-Lumia ePitoli  NgoLwesithathu.

Lezi zithandani zivele enkantolo ngenxa yecala lenkohlakalo kanye nelokukhwabanisa.

Umkhulumeli wabo uEphraim Nyondo uthe abajabulanga ngabakubize “ngenkohlakalo ohlelweni olulwisana nobugebengu”.

“Umprofethi uBushiri kanye nomprofethikazi uMary Bushiri balokhu bemile ngokuthi bamsulwa,” uyasho.

Izinkulungwane zabalandeli, abanye besuka kude njengaseMpumalanga, babuthene ngaphandle enkantolo.

Omunye uthe ukuhlasela uBushiri kuwukuhlasela uNkulunkulu.

“Ubaba wami, inkokheli enganavalo, uShepherd Bushiri, umsulwa,” kusho umlandeli.

UNyondo uthayisela ngokuthi kuyisifiso sabo ukuthi umbuso uqhubeke namacala ngaphandle kokulibazisa ukuze iqiniso lizophumela obala.

Okhulumela abashushisi kuzwelonke esifundeni uLumka Mahanjana uthe lezi zithandani kanye nabaye abasolwa abahlanu bathweswe icala lokukhwabanisela abatshalizimali imali cishe engaphezu kweyizigidi eziyi-R106 ngohlelo lokutshala imali.

Icala lihlehliselwe umhla zingama-23 kuMfumfu.

Isithombe: @psbushiri