Ukuhlasela kwe-Russia kuphazamisa ezemidlalo

Dylan Bettencourt

Isinqumo sikaMengameli uVladimir Putin sokuhlasela i-Ukraine sinomthelela omkhulu kwezemidlalo emhlabeni jikelele.

● I-Uefa Champions League kubikwa ukuthi isiphuce i-St Petersburg ilungelo lokusingatha imidlalo.

Isinqumo sokuthi imidlalo yamanqamu izobanjelwa kuphi ezoba ngomhlaka-28 kuNhlaba, sizodalulwa ngoLwesihlanu lapho isigungu esilawulayo sizobamba umhlangano ophuthumayo.

● Umnikazi we-Chelsea uRoman Abramovich kuthiwa akavumelekile ukungena e-United Kingdom ngenxa yobudlelwane bakhe noMengameli wase-Russia. Lo sozimali wabalwa ePhalamende lase-British nabanye  abangu-35 abanobudlelwane obuseduze noPutin.

U-Abramovich owathatha iqembu lase-London ngonyaka ka-2003 ubelokhu exabana nohulumeni wase-British kusukela ngonyaka ka-2018 lapho isicelo sakhe se-visa sahoxiswa ngenxa yobudlelwane bakhe noPutin.

Sekunombuzo wokuthi ngabe impahla yakhe okuhlanganisa ne-Chelsea izothathwa yini.

● Iqembu lase-German i-Schalke liqinisekise ukuthi lizokhipha ilogo yenkampani yase-Russia i-Gazprom eqenjini labo kulandela ukuhlaselwa kwe-Ukraine. Leli qembu elidlala esigabeni sesibili lixhaswe inkampani kusukela ngonyaka ka-2007.

Kuzoshintshwa amagama kubhalwe ukuthi ‘Schalke 04’ esikhundleni sika-Schalke ku-Twitter.

● Abadlali bebhola abaningi base-Brazil abadlalela amaqembu e-Ukraine bacele usizo ngemuva kokuhlaselwa. Abadlali bebhola kanye nemindeni yabo baphephele ehhotela eliseduze.

Abadlali bebhola bacele ukuthi banikezwe indlela yokuphuma kuleli, bacelwa ukwesekwa uhulumeni wase-Brazil.

“ Sicela usizo lwenu, ngenxa yesimo esibhekene  naso edolobheni njengoba imingcele nezikhumulo zezindiza zivaliwe. Ayikho indlela esingaphuma ngayo,” basho lokhu kwividiyo.

● Ibhola lezinyawo lasekhaya ezweni lase-Ukraine limisiwe kulandela ukuhlaselwa.

● Umshayeli we-Formula 1 wase-German uSebastian Vettel uthe angeke aye kwi-Russian Grand Prix ngoMandulo kulo nyaka uma umcimbi uqhubeka. I-Formula 1 ithe basiqaphe ngeso lokhozi isimo kodwa ngeke bathathe isinqumo okwamanje.

“Kusobala ukuthi uma ubheka ikhalenda, sinomjaho ozoba se-Russia. Ngokwami, owami umbono uthi angihambe, kodwa angeke ngihambe. Ngicabanga ukuthi akuphephile ukuthi kube nemidlalo,” kusho uVettel.

● Umdlali webhola lezinyawo wamazwe ngamazwe wase-Russia uFedor Smolov waphikisana nesinqumo sikaPutin sokuya empini ngomyalezo awubhala ku-Instagram lapho ethi “Asiyivumi impi!” efake nefulegi lase-Ukraine kanye nenhliziyo ephukile.

● I-Manchester City kanye nowase-Ukraine u-Oleksandr ZInchenko uthumele umnyalezo oyimfihlo ku Putin kwi-Instagram, wathi “Ngifisa sengathi ungafa ngendlela ebuhlungu kunazo zonke”.

Umthombo wesithombe: @CBSSports

Izihloko zakamuva