Ukuguquguquka kwesimo sezulu kuphazamisa izinhlelo zeFormula 1

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Ukuhoxiswa kwe-Emilia Romagna Grand Prix ngenxa yesimo sezulu esibi kuveze iqiniso elibuhlungu lokuthi isimo sokushintsha kwezulu siyiphazamisa kangakanani i-Formula 1.

Isimo sokushintsha kwezulu sidalwa ukugcwala kwekhabhoni okuyinkinga emhlabeni wonke nakulo mncintiswano manje umbuzo uthi: Ngabe imizamo yabo izokwanela yini ukulwa nezinkinga zesimo sezulu?

Isinqumo sokuhoxiswa komjaho e-Imola kube yisona esifanele. Lesi sifunda sikhahlanyezwe izimvula ezinamandla, okuholele ekushoneni kwabantu abayisishiyagalombili kanye nabangu-5,000 abasale dengwane. 

I-Formula One eyaziwa ngokuzimisela kwayo ukugwema ukukhanselwa kwemijaho, ithathe isinyathelo yaze yasiza ngo-€1 million esikhwameni sokusiza i-Emilia-Romagna.

Ukuphuma kwekhabhoni ye-Formula One kuvela kakhulu ku-logistics kunomjaho.

Ukuhlolwa kwango-2018 kuveze ukuthi ingamathani angu-256,551 ikhabhoni ekhishwe kwisizini yonke, u-0.7% kuphela ohlobene ngqo nemijaho. Iningi lekhabhoni liqhamuka emoyeni, emgwaqeni, nasezimpahleni zasolwandle (45%) uhambo lwansukuzonke (27.7%), kubika i-Guardian.

Ngo-2019, i-Formula One yazibophezela ekuzuzeni ukukhishwa kwekhabhoni (zero) ngo-2030 futhi ibiqhuba lo mgomo ngenkuthalo.

Lo mdlalo uhlose ukuthuthukisa uphethiloli ongu-100% ongasetshenziswa nasezimotweni, okungaba nomthelela omkhulu ekungcoleni komhlaba. Ukwengeza, i-Formula One ihlela ukunciphisa ukuphuma kwekhabhoni okungenani ngo-50% ngo-2030.

Umzamo wokwehlisa ikhabhoni usuqalile. I-Formula One kanye namathimba ayo baguqule amahhovisi nezimboni zabo emithonjeni yamandla avuselelekayo. Lo mdlalo uphinde wanciphisa ukuhamba kwezisebenzi ngokuthuthela imisebenzi yawo eminingi yokusakaza e-Kent, e-England futhi ususebenzise izindlela ezihlukile zokuthutha ngezindiza.

Kodwa-ke, ochwepheshe basalokhu benokungabaza mayelana nekhono le-Formula One lokufeza inhloso yayo yango-2030.

Inkinga yangempela ilele ekuhambeni kwamanye amazwe, okuhlanganisa nokuthuthwa kwemishini esindayo emhlabeni wonke phakathi nenkathi yomjaho yezinyanga eziyishumi.

I-Formula One iyakuvuma ukubaluleka kwalolu daba. U-Ellen Jones, ongumphathi we-F1 wemvelo, ezenhlalakahle kanye nokubusa uyayibona inkinga.

“Ukuphuma kwekhabhoni kuzodinga ukuthi kubhekanwe nakho ngokusebenzisa ama-offsets,” kusho uJones.

Isithombe esingenhla: Izikhukhula ezenzeke endaweni yase-Imola

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva