Everson Luhanga
Ngesikhathi uRosemary Ndlovu eqala ukuphalaza ebhokisini lofakazi ngesonto eledlule, icala lakhe lahlehliswa.
NgoLwesibili, owayeyiphoyisa osolwa ngokubulala umndeni wakhe, ulale phansi ebhentshini lasenkantolo wathi akaphilile. Kodwa kulokhu inkantolo ayizange ilukholwe udaba lwakhe futhi ukuqulwa kwecala nakho kwaqhubeka.
UNdlovu usolwa ngamacala amahlanu okubulala nokuhlela ukubulala. Icala lakhe liqale ngemuva kwehora sekukhona namaphoyisa aminingi.
Ufakazi wokuqala bekungowesilisa osolwa ngokuba inkabi ethengwe uNdlovu. Utshele inkantolo ngendlela ahlangana ngayo nommangalelwa nokuthi wayefuna abulale kanjani udadewabo kanye nezingane zakhe ezinhlanu e-Bushbuckridge, eMpumalanga.
“Wangiyalela ukuthi ngibulale udadewabo ngoba yena, uNdlovu ukweleta umashonisa, owayebambe i-BMW yakhe ngesikhathi ehluleka ukukhokha imali ayibolekile,” kusho lo mlisa otshela inkantolo.
Ngemuva kokuphothulwa kwezingxoxo zokubulala, lo mlisa waqonda ngqo esiteshini samaphoyisa e-Tembisa South wayobika uNdlovu.
Ufakazi okhuluma isiZulu – indoda ebukeka ilukhuni, enemisipha nobude obuphakathi nendawo – iveze kabanzi ngecebo lakhe lokubulala.
“URosemary wanginika nama-R500 okuthi ngithenge utshwala ukuze ngidakwe ngibe nesibindi sokubulala ngishise nomndeni wakhe endlini yabo,” kusho yena.
Uthe uzungu lahlelwa ngamaphoyisa. Yena namanye amadoda – kuhlanganisa nephoyisa elalizenza inkabi – bahlangana noNdlovu esibhedlela i-Carstenhof ngase-Midrand.
“Ngethula iphoyisa elizifihlile njengomuntu engiyinkabi naye ogama lakhe linguRasta,” esho.
URasta ubesevele efake okokuqopha kudeshibhodi yemoto abebekuyo.
Ngemuva kwehora kuqulwa icala, inkantolo kudingeke ukuthi ime njengoba uNdlovu ecele ukulala phansi ngoba ubengazizwa kahle.
UNdlovu ogulayo ubephelezelwe eNkantolo eNkulu yase-Palmridge ngamaphoyisa abalelwa kwayi-10 abehlome ngezibhamu.
Inkantolo ihlehlisile ukuqulwa kwecala kodwa izoqhubeka ngoLwesithathu.