Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ngikhula uKhisimusi bekuwusuku lwenjabulo, usuku lokuphekwa kokudla okumnandi okungajwayelekile, nokulalela izindaba zabazala bami besixoxela mayelana nedolobha lethu. Ngingakhohlwa kanjani injabulo yokuthola izingubo ezintsha zikaKhisimusi.
Isikhathi sikakhisimusi kimi sihlala sisho indlu egcwele umndeni nezihlobo kuxoxwa kumnandi silalela izindaba zokuthi uKhisimusi wawugujwa kanjani kuqala.
Okunye engikukhumbulayo ukuthi umama wami njalo uma exoxa indaba yayizoba nesifundo ekugcineni nakuba kuqala sasingaqondi ukuthi ukwenziswa yini lokho.
“Amagwinya nesinkwa sasesitolo esigcotshwe ibhotela ne-peanut butter, nojamu kwakuyinto ewubukhazikhazi esasiyithola ngesikhathi sikaKhisimusi kuphela. Ngakho-ke wayehlezi esikhumbuza ukuthi sibonge esinakho.”
Ngicabanga ukuthi ngenxa yalokhu ngiye ngathola ukwazisa nokubonga izinto ezincane empilweni.
Umama wayesitshela ngendlela ababevame ukuqandisa ngayo ujeli engadini ubusuku bonke nokuthi babevame ukuphema izinwele zabo ngetshe elishisayo ekuseni ngoKhisimusi.
Wayexoxa izindaba ngendlela yokuthi umuntu abe nombono ocacile wabalingisi nezinto abazenzayo.
Sekuphele iminyaka emihlanu wadlula emhlabeni futhi noKhisimusi awusafani. Akekho emndenini wakithi ojabulela uKhisimusi kusukela kwadlula umama emhlabeni. Obabekazi babehlale bethi uyena owayehlanganisa wonke umndeni. Sekuphele iminyaka emihlanu singenawo umbuthano kaKhisimusi.
Nokho kulo nyaka nginomuzwa ohlukile ngoKhisimusi. Sengizogubha lolu suku ngendlela ehlukile.
Umngane wami omkhulu uyashada. Ushadela emakhaya emndenini ogxile kakhulu emasikweni asemaphandleni futhi onendlela yokwenza izinto ehlukile futhi ungicele ukuba ngize ngimsize njengoba ezobe eqala ukuyochitha khona amaholidi kaKhisimusi.
Ngokwesiko lamaXhosa, umakoti uvumelekile ukuletha umngane wakhe oseduze ukuze amsize ngemisebenzi yakhe.
Ngijabule kakhulu ngokuthi ngizochitha amaholidi kaKhisimusi endaweni yasemaphandleni. Yebo, izinto zishintshe kakhulu kusukela ngisemncane. Amadolobhana aseshintshe kakhulu, kodwa ukuchitha uKhisimusi emaphandleni kungijabulisa kakhulu ngathi ngizobona umama ngamehlo.
Isithombe esingenhla: esomndeni olungisele umshado wesiXhosa ozayo ngosuku lukaKhisimusi.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe