Celani Sikhakhane
Kube nomhlangano wokuqala womkhandlu kamasipala waseMngeni, okuwukuphela kwawo umasipala ophethwe yi-DA KwaZulu-Natali ngoLwesihlanu.
Kulo mhlangano bekulindeleke ukuthi kugcotshwe imeya entsha uChris Pappas kanye nesekela lakhe uSandile Mnikathi.
Kodwa umhlangano waba nezinxushunxushu kwangabe kusaqhubeka ukugcotshwa kwamakhansela asanda kukhethwa ngenxa yokuthi umphathi walomasipala omisiwe uThembeka Cibane ungene emhlanganweni wafuna ukwengamela ukufungiswa.
Lokhu kuphoqe ukuthi amakhansela e-DA nawe-EFF aphume ngobuningi awo.
UPappas uthe ngeke bakwazi ukuqhubeka nomhlangano uCibane ekhona.
“Ukumiswa akumvumeli ukuthi abe semagcekeni kamasipala futhi lokho kumile kuze kube kushintshwa isinqumo somkhandlu. Lokhu kusho ukuthi ukuba khona kwakhe lapha kwenza lo mhlangano ube ongekho emthethweni,” kusho uPappas.
Ibamba lomphathi kamasipala lihlulekile ukulandela imibandela yokumiswa kukaCibane.
UCibane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukholwa ukuthi ukumiswa kwakhe sekuphelile okusho ukuthi uvunyelwe ukwenza umsebenzi wakhe njengomphathi walomasipala waseMngeni.
“Sesiside isikhathi ngibuyele emsebenzini. Yingakho ngingakuqondi ngempela ukukhathazeka kwe-DA,” kusho uCibane.
Umholi we-DA KwaZulu-Natali, uMnumzane uFrancois Rodgers, uthe nabo sebeziqalile izinyathelo zomthetho zokuqinisekisa ukuthi kubizwa umhlangano omusha womkhandlu futhi kugcotshwe oqokwe yimeya uChris Pappas nethimba lakhe.
“Abavoti baseMngeni basinike lelo gunya futhi sizoqinisekisa ukuthi umsebenzi wethu wokuphatha uyawenza ngaphandle kokubambezeleka.”
Amakhansela eqembu eliphikisayo afungiswe enkantolo yemantshi yase-Howick ngemuva kokuphuma kwe-DA ne-EFF.