Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni
Owesilisa wakuleli usemkhankasweni wokusindisa izimpilo zabantu abasebasha.
Ukwenza lokhu ngomkhankaso wakhe othi #MatricUngazibulali (Don’t kill yourself, matriculant) awusungula ngemuva kokukhishwa kwemiphumela kamatikuletsheni.
Bangaphezu kuka-900 000 abafundi ababhale izivivinyo zikamatikuletsheni ekupheleni konyaka odlule okunyuke ngo-3% kunesibalo sangonyaka ka-2021.
Eminyakeni emihlanu edlule uDkt Sanele Gamede wasungula lo mkhankaso ngemuva kokubona ukuthi abafundi bakamatikuletsheni abaningi abasuke befeyilile bayazibulala ngenxa yehlazo nokuphoxeka.
Ukwenza lokhu ngoba uyabazi ubuhlungu abafundi ababhekana nabo uma befeyilile. Esemncane wafeyila ibanga lesishiyagalombili kanye nebanga lesishiyagalolunye, waphinde wafeyila umatikuletsheni kabili. Nokho wagcina ekwazile ukuqhubeka nezifundo zakhe waze wathola ne-PhD kwi-Cultural and Media Studies.
UGamede uhamba lonke izwe egqugquzela abafundi bakamatikuletsheni ukuthi bangalilahli ithemba. Uphinde akhuthaze abazali ukuthi bangazigxeki izingane zabo uma zehluleka, kodwa bazikhuthaze ukuthi ziphinde zizame.
Ngaphandle komkhankaso wakhe wokuvakasha, unekhasi lika-Facebook axoxa kulo nabafundi bakamatikuletsheni nabazali.
USinqobile Mkhwanazi osanda kungena kulolu hlelo, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo mkhankaso unika ithemba entsheni edangele.
UMkhwanazi naye ukhuluma ngodaba lwakhe lokufeyila kathathu esikoleni samabanga aphezulu ukuze akhuthaze nabanye. Manje usengumfundisi esikhungweni semfundo ephakeme.
USbudere Maludere waseTembisa owabhala umatikuletsheni ngo-2021 akayitholanga imiphumela emihle.
Wezwa ngomkhankaso kumfowabo futhi wanquma ukujoyina lolu hlelo. Welulekwa wagqugquzeleka ukuthi abhale kabusha izivivinyo zakhe waziphasa ngamalengiso.
Ngokusho kwe-South African Society of Psychiatrists, u-20% wabafundi bazama ukuzibulala uma kuphuma imiphumela kamatikuletsheni.
Cishe umfundi oyedwa kwabayishumi kuleli uyazibulala ngenxa yomphumela kamatikuletsheni. Ukuze uthole usizo thintana ne-Suicide Crisis Line ku-0800 567 567.
Osesithombeni esingenhla: UDkt Sanele Gamede
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe