
Sizwe Sibiya
Ngemuva kokuthi osaziwayo abaningi baseMzansi bafake isehlukaniso bebephuma bebukeka bengcono kunakuqala nokuholele ekutheni abanye abantu bacabange ukuthi isehlukaniso siyindlela ebasebenzelayo.
NgoNhlolanja omunye wosaziwayo baseMzansi uMinnie Dlamini umemezele ukuthi ufaka isehlukaniso kumnyeni wakhe uQuinton Jones waqeda umshado umshado wonyaka ka-2017.
Selokhu bahlukana uMinnie ubebukisa ngobuhle bakhe ezinkundleni zokuxhumana okwenza kubonakale sengathi usejabule kakhulu njengoba efake isehlukaniso.
“UMinnie Dlamini muhle kakhulu muva nje ngize ngakhohlwa nokuthi unengane,” kusho uKaybee exoxa ngesithombe sikaMinnie asanda kusifaka ngoLwesithathu ku-Twitter.
Njengoba uMinnie eziqhenya ngobuhle bakhe bemvelo abanye osaziwayo abafake isehlukaniso nabo bazuze okuningi emsebenzini wabo okuhlanganisa nosomabhizinisi kanye noShauwn Mkhize.
UShauwn usezuze izinto eziningi selokhu ahlukanisa noSbu Mpisane umyeni wakhe ayeseshade naye iminyaka engu-15 okunye akuzuzile ukuthenga i-Bloemfontein Celtics ayishintsha igama layo wayibiza nge-Royal AM football club ngaphansi kwakhe.
Kodwa-ke akuyena yedwa uhlu luyaqhubeka umsakazi nowake waba ijaji lama-Idols SA u-Unathi Nkayi, umlingisi nowaziwa ngokusika ingqephu u-Enhle Mbali Mlotshwa, uDJ Black Coffee kanye noDineo Ranaka muva nje benze okukhulu ngemuva kokufaka isehlukaniso.
Noma u-Enhle Mbali ebonwe nesoka elisha elingusozimali umyeni wakhe wangaphambili uBlack Coffee uhlomule ngendondo ye-albhamu ye-Best Electronic/Dance Grammy Award mhla zintathu kuMbasa lendondo uyizuze nge-albhamu yakhe yokugcina ethi-Subconsciously.
Umthombo wesithombe: Twitter