Ukufa kuyimvelo: Nasser Al Khater 

Ngemuva kokuthi kuqinisekiswe ukuthi umsebenzi ophuma kwelinye izwe ushonile ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yamaqoqo, isikhulu esiphezulu seNdebe yoMhlaba uNasser Al Khater uthe “ukufa kuyimvelo.”

Kuthiwa umsebenzi (40) wase-Philippines ushone ngesikhathi elungisa izibani endaweni yokupaka izimoto e-Sealine Resort, lapho obekuhlala khona iqembu lase-Saudi Arabia.

Imbangela yokushona kwakhe ichazwe ngokuthi “uye washelela ngesikhathi ehamba eduze kwemoto wawela phansi kukhonkolo ngekhanda.”

Yize imibiko ingakhombisi ukuthi lesi sigameko senzeke nini, imithombo eminingi ithi ukushona kwakhe kube iphutha.

Yize i-Fifa ithi “ibuhlungu kakhulu ngale nhlekelele,” isikhulu sayo seNdebe yoMhlaba asizange sibonakale sikhathazekile ngalolu daba.

“Ukufa kuyingxenye yempilo eyimvelo kungakhathalekile ukuthi usemsebenzini, noma usebuthongweni,” kusho u-Al Khater, kubika i-The Athletic.

“Siphakathi kweNdebe yoMhlaba. Futhi sineNdebe yoMhlaba eyimpumelelo. Kodwa futhi lena yiyona nto enifuna kukhulunywe ngayo manje?”

Emzamweni wokugwema ukuthatha izinyathelo ngalesi sigameko, abagqugquzeli beNdebe yoMhlaba i-Supreme Committee for Delivery and Legacy bathe le ndawo okwenzeke kuyo isigameko ibingekho ngaphansi kwabo.

Ukuphathwa kwabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle bekubhekwe ngabomvu kwiNdebe yoMhlaba ngaphambi kokuthi umqhudelwano uqale.

Babalelwa ku-6 500 abasebenzi okuthiwa balahlekelwe izimpilo zabo ngesikhathi kwakhiwa izinkundla eziyisikhombisa zeNdebe yoMhlaba, kubika i- The Guardian ngoNhlolanja kulo nyaka.

Iziphathimandla zase-Qatar zigweme lolu daba izinyanga ezimbalwa ngaphambi kokuthi zithi bangu-414 kuphela abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abashone ezingozini ezihlobene nomsebenzi.

INdebe yoMhlaba ibe impumelelo kakhulu enkundleni kodwa izinto ezenzeka ngaphandle kwenkundla ezifana nalezi zisazoqhubeka nokuhlupha umqhudelwano wakulo nyaka e-Qatar.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: uNasser Al Khater

Umthombo wesithombe: @EveningStandard

Izihloko zakamuva