
Sizwe Sibiya
Umfana oneminyaka eyi-14 wase-Nigeria uyadunyiswa ezinkundleni zokuxhumana ngezimpahla zakhe zamaqhawe azenze ngamakhadibhodi.
UPraise, ofunda ekolishi yase-Kharisland International, uthe waqala ukwenza lomkhiqizo wezimpahla zamaqhawe ngonyaka wezi-2013.
“Ngaqala ngineminyaka eyisikhombisa. Akekho owangifundisa ukwenza lokhu. Ithalente lami,” kusho uPraise ofuna ukuba yi-robotics kanye nokubangunjiniyela we-mechatronics.
UPraise uthe wakhetha amaqhawe ngenxa yabantu abukela kubo.
Uthe wagqugquzelwa ngu-Hacksmith ku-youtube obekhanda kabusha amagajethi amaqhawe. Kanye nomklami womphumela wekhethelo waseMelika uAdam Savage owaziwa ngokubamba imibukiso enjenge-MythBusters kanye ne-Unchained.
UPraise usehehe amakhulu abalandeli ezinkundleni zokuxhumana zakwa-Facebook kanye naku-Twitter.
Omunye wabalandeli ubabaze wathi: “Ukwenza nje ngento ebukeka ingelutho! Le ndoda encane yenza umsebenzi weqhawe elingokoqobo.