Ukudunyiswa okukhulu komfana owenza amaqhawe ngamakhadibhodi

Sizwe Sibiya

Umfana oneminyaka eyi-14 wase-Nigeria uyadunyiswa ezinkundleni zokuxhumana ngezimpahla zakhe zamaqhawe azenze ngamakhadibhodi.

UPraise, ofunda ekolishi yase-Kharisland International, uthe waqala ukwenza lomkhiqizo wezimpahla zamaqhawe ngonyaka wezi-2013.

“Ngaqala ngineminyaka eyisikhombisa. Akekho owangifundisa ukwenza lokhu. Ithalente lami,” kusho uPraise ofuna ukuba yi-robotics kanye nokubangunjiniyela we-mechatronics.

UPraise uthe wakhetha amaqhawe ngenxa yabantu abukela kubo.

Uthe wagqugquzelwa ngu-Hacksmith ku-youtube obekhanda kabusha  amagajethi amaqhawe. Kanye  nomklami womphumela wekhethelo waseMelika uAdam Savage owaziwa ngokubamba imibukiso enjenge-MythBusters kanye ne-Unchained.

UPraise usehehe amakhulu abalandeli ezinkundleni zokuxhumana zakwa-Facebook kanye naku-Twitter.

Omunye wabalandeli ubabaze wathi: “Ukwenza nje ngento ebukeka ingelutho! Le ndoda encane yenza umsebenzi weqhawe elingokoqobo.

Scrolla World Cup Quiz