Ukudunwa kwezimoto kuya ngokwanda eSprings

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UKhomishana wamaphoyisa ase-Ekurhuleni, uJenene omkhulu u-Anna Sithole, ukhathazekile ngokwanda kwezigameko zokudunwa kwezimoto, ukuntshontshwa kwezimoto kanye nokugetshengwa kwezindlu e-Springs, Ekurhuleni emasontweni edlule.

NgoLwesithathu, amaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho baqhube umkhankaso omkhulu obusekelwe kwezobunhloli, babopha abasolwa abangu-215 Ekurhuleni. 

Kubona kukhona abasolwa abane ababeboshwe e-Springs ngamacala amaningi okugqekeza izindlu.

NgoMgqibelo ebusuku, uSimphiwe Dintsi, onguthishanhloko Esibonelwesihle Secondary School, udunwe imoto ekhonjwe ngesibhamu ngabasolwa abane.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uDintsi uthe ubebuya kwagogo wakhe eDuduza ngesikhathi abasolwa bemhlasela. Bamphoqe ukuthi angene ngemuva emotweni yakhe.

“Bangitshele ukuthi ngingababuki ebusweni, base bengivala ubuso bangiphoqa ukuthi ngingene ngemuva emotweni, bahambe ibangana ngaphambi kokungifaka ebhuthini,” usho kanje. 

“Banqamule i-alamu yemoto amahora amahlanu ngivaleleke ebhuthini. Bagcine bengishiye emijondolo yase-Tsakani Ext 10 bangiphoqa ukuthi ngibaleke ngaphambi kokuthi bahambe,” usho kanje.

UDintsi ohlukumezekile uthe abasolwa bamkhombe ngezibhamu ezine besabisa ngokumbulala. 

“Bengilokhu ngithandazela ukuthi basindise impilo yami. Imoto ngingaphinde ngiyithenge,” kusho kanje.

USithole uthe ngesikhathi kunezivimbamgwaqo kuPaul Kruger Highway, amaphoyisa ahlonze amatekisi amabili ne-Toyota Hilux enezinombolo zenjini eziwumgunyathu okuholele ekutheni zikhishwe emgwaqeni.

Osesithombeni ngenhla: UJenene omkhulu u-Anna Sithole.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva