Ukudubulana kwamaqembu ezigelekeqe kubulale abayisikhombisa eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa asethumele amanye amaphoyisa kuBishop Lavis, eKapa, ​​ngemuva kokuba oshayasibhamu bebulale abantu abayisikhombisa balimaza oyedwa kuKogelberg Street ngoLwesine ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape, uBrigadier Novela Potelwa, uthe imibiko evela endaweni yesigameko ikhomba ukuthi ngezithuba zabo-8.40 ebusuku, umsolwa obehlomile ungene emijondolo eku-Kogelberg Street wadubula kaningi ebhekise kulaba abebephakathi.

“Abantu abayisithupha bashonele endaweni yesigameko kwathi ababili balimala,” kusho uPotelwa.

“Omunye wabagilwa ushonele esibhedlela ngoLwesihlanu ekuseni, nokwenza isibalo sabashonile sibe yisikhombisa.”

Omunye olimele usathola ukwelashwa.

Uphiko olulwa nezigelekeqe luphenya amacala okubulala. Akekho osaboshiwe. Izisulu zineminyaka ephakathi kuka-24 no-55.

“Isigameko saseBishop Lavis senzeke ngemuva kwesinye isigameko lapho kudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu e-Atlantis ngoLwesithathu kusihlwa,” kusho uPotelwa.

Isikhulu samaphoyisa uLieutenant General Thembisile Patekile uyalele abaseshi ukuthi basebenzise zonke izinsiza ezikhona ukuthola ababulali kuzo zombili lezi zigameko, okukholakala ukuthi zihlobene namaqembu ezigelekeqe.

Ikhansela lendawo uMnuz Angus McKenzie libonge amaphoyisa ngokuthumela amanye amaphoyisa kule ndawo.

“Lokhu kubulala kuyingxenye yempi yamaqembu ezigelekeqe eqhubekayo eValhalla Park kanye naseBishop Lavis. Lezi zindawo ezimbili zihlukumezeka mihla namalanga ngokudutshulwa nokubulawa kwabantu,” kusho uMcKenzie.

“Izakhamizi ezithobela umthetho akumele nakancane zihlale ngokwesaba okungaka. Lezi zigameko zokudubulana nazo zifaka ingcindezi enkulu ezinsizeni eziyisisekelo endaweni.”

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa aseWestern Cape aqinise ithimba endaweni yaseBishop Lavis kulandela isigameko sokudubula esishiye abantu abayisikhombisa beshonile.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva