Ukuduba ukhetho akubasizanga ngalutho abakwaMpumuza

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isikhuni sibuye nomkhwezeli kubahlali bakwaMpumuza eMgungundlovu abaduba ukuvota ngokhetho lo Hulumeni basekhaya njengoba ikhansela elibusayo lagcina likhethwe idlanzana elazijuba layovota.

Kumanje lo mphakathi obalelwa ku-3000 owaduba ukhetho wagcina usuphathwa ikhansela elakhethwa idlanzana elibalelwa ku-100 elahlonipha ilungelo lalo lokuzikhethela umholi elimfunayo.

Lokhu kuvele enkulumeni yesikhulu seKhomishana eZimele eBhekele uKhetho KwaZulu-Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga obeqwashisa ngokuduba ukuvota emhlanganqeni obukuleli sonto eThekwini.

Ubekusho lokhu echaza ngocwaningo okuveza ukuthi inqwaba yabantu abasha abangavotanga okhethweni olwedlule ikakhulukazi eThekwini ngoba bengasabathembi abaholi bezepolitiki nakuHulumeni.

“KwaMpumuza nje baduba ukuvota baze nokwalandela ngokuthi kuvote abahlali bakhona abangu-100 kuphela kwabangu-3000 abangazange balubhade eziteshini zokuvota.

Labo bantu abangu-100 bakwazi ukuzikhethela umholi abamfunayo okumanje uphethe nalaba abangu-3000 abangavotanga,” kusho uNkk Masinga.

Abantu bakwaMpumuza baduba ukhetho ngoba bekhala ngobugebengu obabudlangile nokugcwala kwabantu bokufika endaweni abangenawo amaphepha okuba seNingizimu Afrika.

Esinye sezigameko kwaba ezokudutshulwa kothisha esikoleni iLaduma High, ukubulawa kwabantu ngesihluku, kanye nezikhali ezingekho emthethweni.

Inkosi yesizwe sakwaZondi KwaMpumuza, uNsikayezwe Zondi, yake yakhala kakhulu ngezindawo zokucima ukoma (amathaveni) ezivula kuze kube sebusuku kakhulu, okukholelwa ukuthi kudala ubugebengu.

Kubikwe ngokugwazwa kwabafundi ngesikhathi kuphuma isikole endaweni yaseSweetwaters/KwaMpumuza.

Kwaphinde kwaba
nezikhalo zomphakathi mayelana nezinsiza kanye nemihlangano yobuholi bendabuko nabahlali.

Izihloko zakamuva