Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
I-Gauteng neKwaZulu-Natal zenza cishe u-40% wawo wonke amacala okunukubezwa ngokocansi kusukela ngoMasingana kuya kuNdasa ka-2025.
Ambalwa amacala okudlwengula abikiwe ezifundazweni ezinhlanu, kodwa isibalo sisalokhu sikhuphuka ezweni lonke.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu uthe uhulumeni uyayinqoba impi yokulwa nobugebengu, kodwa luselude ukhalo okusamele luhanjwe.
Ekhuluma eTshwane ngoLwesihlanu, uMchunu wabelane ngezinombolo zakamuva zobugebengu, kusukela ngomhlaka-1 kuMasingana kumhlaka-31 kuNdasa ka-2025.
Ubugebengu obuningi behlile uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule. Nokho, ukudlwengula nobunye ubugebengu bokunukubezwa ngokocansi kuyanda. Lokhu kubandakanya ukuhlukumeza ngokocansi kanye nobugebengu bokuthintana ngokocansi.
I-Gauteng neKwaZulu-Natal yizona ezibe nesibalo esikhulu, ngo-19.1% no-19.9% wawo wonke amacala ocansi ezweni, ngokulandelana.
“Ikhona inqubekela phambili kodwa asikafinyeleli la sifuna khona,” kusho uMchunu.
Isibalo samacala okubulala naso sehlile. Amaphoyisa aqopha izigameko zokubulala ezingu-5,727 ezinyangeni ezintathu, zehle ngo-809 kunonyaka odlule. I-Gauteng, I-Eastern Cape, KwaZulu-Natal neWestern Cape yizona ezihamba phambili ngezibalo zokubulawa kwabantu. I-Northern Cape kube yisona sodwa isifundazwe lapho ehliswe khona amacala okubulala.
Kushone amaphoyisa angu-22, ayisithupha esemsebenzini nangu-16 abengekho emsebenzini. Abayishumi abase-Gauteng.
UMchunu uphinde waphendula izinsolo zokuthi kuhlaselwa abalimi abamhlophe kulokho abanye abantu okubalwa noMengameli waseMelika uDonald Trump abakubiza ngokubulawa kwabamhlophe.
Uthe amaphoyisa aqopha izigameko zokubulawa kwabanikazi banapulazi eziyisithupha phakathi kukaMasingana noNdasa. Ababili kulaba abashonile bekungabanikazi bamapulazi, oyedwa eyisisebenzi esihlala epulazini, ababili yizisebenzi, oyedwa engumphathi.
“Bonke ngaphandle koyedwa badabuka e-Afrika,” usho kanje.
UMchunu ukhulume ngodaba oludala lwango-2020 KwaZulu-Natal, lapho kwabulawa khona izithandani e-Hanover Farm. “Abenza isigameko baboshwa futhi manje basejele,” esho.
Ukuze kuliwe nobugebengu kangcono, uMchunu uthe bavula ama-laboratory amaningi, kusukela KwaZulu-Natal, nokusebenzisa ubuchwepheshe obungcono ukubamba izigebengu ngokushesha.
“Sifuna ukwenza ngcono indlela esiqoqa ngayo ubufakazi futhi sisize abaseshi benze umsebenzi wabo kangcono,” usho kanje.
Osesithombeni esingenhla: UNgqongqoshe uSenzo Mchunu.
Umthombo wesithombe: GCIS