UKUDLWENGULWA KWENTSHA KUTHUSA UMPHAKATHI WASE-ALEX

Everson Luhanga

Indoda  eyathumba yadlwengula intombazane eneminyaka eyi-13 ubudala futhi yangagcina nje lapho, yaya nakumama wesisulu yamhleka. Yamtshele nokuthi akasoze abanjwa.

Amaphoyisa afike emnyango wale ndoda eyaziwa kakhulu e-Alex njengoGaddafi kodwa awakamtholi namanje.

Okhulumela amaphoyisa ase-Alexandra uSayitsheni uSimphiwe Mbatha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kunencwadi egunyaza ukuboshwa kukaGaddafi futhi noma ngubani onolwazi ngaye kumele axhumane namaphoyisa ngokushesha.

Unina wengane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi indodakazi yakhe ikhubazekile ngokwengqondo futhi ifunda esikoleni esiyisipesheli.

“Uhlale ethule futhi akakhulumi kakhulu,” kusho umama.

Uthe ngesikhathi eya emngcwabeni mhla zi-5 kuMbasa, indodakazi yakhe yathunjwa ngumsolwa wayidlwengula ephindelela ebusuku.

“Bengisendleleni ngiya esiteshini samaphoyisa ngiyobika ngokunyamalala kwendodakazi yami ngesikhathi ngiyibona ibuya ekhaya.

“Ngakhululeka ngesikhathi ngimbona kodwa wangitshela indaba ebuhlungu ngokuhlukunyezwa kwakhe.”

Kwesinye isigameko, amaphoyisa ase-Alexandra aphenya ngokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka eyi-13 ngabesilisa ababili abaneminyaka engama-45 nama-59.

La madoda aboshwe ngemuva kokuvuma kubazali ukuthi amdlwengula ngezikhathi ezehlukene.

USayitsheni uMbatha uthe amaphoyisa abophe la madoda kanti avele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra mhla zingama-28 kuMbasa.

“Kungani bedlwengule indodakazi yami? Kungani bengangidlwengulanga mina?” kubuza umama othukuthele.

Ngokusho kukanina wesisulu sesibili, ingane yakhe ibikhulelwe kodwa yaphuphunyelwa yisisu.

“Ngibizwe nguthisha wakhe esikoleni. Ngithe ngifika, indodakazi yami ibiyopha kakhulu. Ubesifihlile isisu,” kusho yena.

Izihloko zakamuva