Ukudlula emhlabeni ngokuzuma komlingisi odumile kushaqisa umkhakha wezokulingisa

Philani Mzila

Umlingisi odumile uMacdonald “Mac” Mathunjwa udlule emhlabeni ekuseni ngoMsombuluko ngemuva kokunqotshwa wumdlavuza wabesilisa.

UMagic Hlatshwayo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubazi ukuthi uMac ubengazizwa kahle ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

“Bengingakaze ngicabange ukuthi lokhu kuzoba ukuphela kwempilo yakhe,” kusho uHlatshwayo, manje odlala ku-Imbewu The Seed.

“UMac ubengumlingisi ozinikele futhi egcwele impilo. Ubethanda ukwenza amahlaya.”

Esinye isihlabani, uVusi Dibakwana obesondelene noMathunjwa uthe le mboni ilahlekelwe ngumlingisi osezingeni eliphezulu.

“Umdlalo owuchungechunge wokugcina engiwenze naye, iHhay’Bo Mnakwethu njengamanje ikuMoja Love. Ubengumlingisi onethalente kakhulu futhi ubenendlela yakhe ehlekisayo. Ubehlale ezimisele ngokusiza abanye,” esho.

UMathunjwa udlale emidlalweni eminingi ewuchungechunge’ okubalwa kuyo Uhambo Lwami, i-Soul City, uGugu no Andile, i-Home Affairs, Ithemba, i-Stokfela kanye neNtsika.

Ushiye emhlabeni unkosikazi nezingane.

Izihloko zakamuva