Menzi Magubane
U-Group C we-Africa Cup Nations ubukeka izokwehla intambo namaqembu amathathu esasethubeni lokuhlungela i-Cameroon ngonyaka ozayo. NgoLwesine ebusuku iBafana Bafana idlale ngokulingana ngo-1-1 ne-Ghana ukuze behlale bephezulu eqoqweni.
NgoLwesithathu i-Sudan ishaye i-Sao Tome ne-Principe ngo-2-0, lowo umphumela ovule iqembu. Ukudlala ngokulingana ngoLwesine kungenzeka kucasule i-Sudan yona ezobhekana neBafana ngeSonto, okuwumdlalo wokugcina wala maqembu womabili.
IBafana isendaweni yesibili ngamaphuzu ayi-10 nokuyinani elifanayo lamaphuzu neqembu eliphambili i-Ghana. Imidlalo yangeSonto ibalulekile emaqenjini amathathu njengoba ne-Ghana ezokwamukela i-Sao Tome.
IBafana izozisola ngamathuba ewalahlile okushaya amagoli – ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Babenamathuba amabili acacile okushaya amagoli awele kuThapelo Morena oshaye inethi eceleni kuzona zombili izikhathi unozinti enganakile .
Kanti kube nokuzisola okukhulu esiwombeni sesibili sekugadla iGhana. Ngemuva kwemizuzu emine esiwombeni sesibili uMuhammed Kudus ubeke i-Ghana phambili kulo mdlalo.
UPercy Tau, umdlali ovelele wosuku, ulinganisele iBafana ngemuva kwemizuzu emithathu ukuqinisekisa ukuthi amathuba eqembu lasekhaya lokuhlungela i-Afcon yangonyaka ozayo ahlala ngendlela.
“Besifuna ukuwunqoba lo mdlalo kodwa sidlale neqembu elihle. Sizinikele ngakho konke. Kodwa manje sibheke emdlalweni olandelayo. Siya e-Sudan amakhanda ethu ephakamele phezulu,” kusho uTau.
Phambili kubenovalo ngesikhathi eshiya ethatha ikhefu exhuga ngemuva kokulimala. Kodwa wabuya evuselelekile waze washaya negoli.
Ngeshwa u-Andile Jali akakwazanga ukuqeda umdlalo. Lo mdlali wasesiswini ukwaze ukuflala imizuzu engu- 20 kuphela ngemuva kokulima kabi, futhi uzophuthelwa umdlalo wabo ne-Sudan.
Eminye imiphumela yokuhlungela i-AFCON
I-Chad 0-3 i-Namibia; I-Uganda 0-0 i-Burkina Faso; I-South Sudan 0-1 i-Malawi; I-Rwanda 1-0 i-Mozambique; I-Ethiopia 4-0 i-Madagascar; I-Guinea 1-0 i-Mali; I-Kenya 1-1 i-Egypt, i-Gambia 1-0 i-Angola; I-Gabon 3-0 i-DR Congo
Umthombo wesithombe: @BafanaBafana