Ukudlala kahle kukaDean Elgar kulethe ushintsho eNingizimu Afrika

Razeen Gutta

UDean Elgar ushaye u-96 kuma-innings esibili ngosuku lwesine ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya i-India okokuqala ngqa emdlalweni we-test e-Wanderers.

La maqembu asebhekene ngo 1-1 njengoba kuyiwa kowamanqamu e-Newlands ngesonto elizayo.

Ama-runs angu-240 yiwona ahamba phambili kuma-innings amane phakathi kwamaqembu amabili njengoba ama-Proteas adlalela ekhaya elwa ngokukhulu ukuzimisela.

Amaphuzu aphezulu ka-Elgar amenze waba ukaputeni wesibili waseNingizimu Afrika ukuthola la maphuzu njengoba bedlala ne-India, selokhu kwagcina uKepler Wessels owathola amaphuzu angu-118 ngo-1992/93 bedlala eThekwini.

U-Elgar no-Rassie van der Dussen balinde ngesineke egumbini lokushintshela njengoba imvula yayina eGoli. Amaseshini amabili okuqala kosuku awabalwanga ngenxa yemvula ngaphambi kokuthi umdlalo uqhubeke ngo-3.45pm.

Kube umdlalo omuhle njengoba isimo sezulu besivuna abadlali abaphosa ibhola U-Elgar udlale ngokukhulu ukuzimisela nokubambisana nabadlali.

UMohammed Shami udlule uVan der Dussen ngama-runs angu-40 ku-175/3, kodwa u-Temba Bavuma washeshe wahlala esicongweni njengoba ukaputeni kanye nephini likakaputeni benze isizwe siqophe umlando.

I-India iyamkhumbula ukaputeni wayo, uVirat Kohli, okulindeleke ukuthi azodlala emdlalweni wokuhlolwa ozoba eKapa ngemuva kokulimala. Izivakashi zibe nenkinga futhi njengoba uMohammed Siraj elimale ngesikhathi ephosa ibhola sekuyophela usuku lokuqala, kubukeka sengathi udonseke umsipha. USiraj ubeliphosa kahle ibhola kodwa wabuye wabonakala edonsa kanzima kuma-innings esibili.

Umdlalo wokuhlolwa wokugcina uzoqala ngomhlaka-11 kuMasingana e-Newlands. Umdlalo uzoqala ngo-10.30 ekuseni.

Umthombo wesithombe: @AhmedRazaKharbai 

Izihloko zakamuva