Ukudla okunoshevu emngcwabeni kubulale abantu abahlanu okubalwa kubo nomfundisi

Everson Luhanga

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kushone abantu abahlanu kanti inqwaba yabanye baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokudla ukudla okusolwa ukuthi bekunoshevu emngcwabeni maphakathi ne-Kagiso.

Umfundisi obeshumayela ethula izwi lenduduzo emndenini oshonelwe uphakathi kwabahlanu ababulawe ushevu.

Ufakazi utshele i-Scrollla.Africa ukuthi umngcwabo ube nezinxushunxushu nokwethuka ngenkathi bonke abantu begula ngesikhathi esisodwa.

Kuthiwa umngcwabo uqale ngokuthula, njengoba abathandiweyo baloyo oshonile behlangene ethuneni lakhe bezomhlonipha.

Ngezithuba zehora le-11, izihambeli zasuka emathuneni zaya endaweni obekubanjelwe kuyo  umngcwabo enkabeni ye-Kagiso ukuze zijabulele ukudla ndawonye.

Omunye obehambele umngcwabo ongathandanga ukudalulwa igama uthe ngemuva kwemizuzu embalwa nje abantu behlezi phansi bedla ukudla, ezinye zezihambeli ziqale ukukhononda ngezisu ezibuhlungu.

“Abanye baqale ukuhlanza, bakhihliza amagwebu, bajuluka,” esho.

“Kube isigameko esingajabulisi ngenkathi abantu bephithizela beyosebenzisa indlu yangasese lapho abanye begingqika phansi besezinhlungwini,” esho.

Esitatimendeni esikhishwe ngumfundisi uDkt Joe Lister Mabuela, uthe unkosikazi wakhe abenaye emngcwabeni usenezinsuku ezimbili elele esibhedlela futhi ululama kahle ekulashweni kwakhe.

UDkt Mabuela uthe isibhedlela i-Leratong sithole iziguli ezingaphezu kwezingama-40 ebeziphuma emngcwabeni.

“Nezinye izibhedlela zithole iziguli eziphuma kulowo mngcwabo,” esho.

Uqhube wathi umsuka waleli gciwane awukaziwa okwamanje. Odokotela bazothembela kwimiphumela yaselabhu evela kwindle nasegazini eliqoqwe kuziguli.

“Uma imiphumela ikhomba isandla semfene, izinhlangano zomthetho zizobandakanyeka”.

UDkt uMabuela uthe umfundisi obulawe ushevu uzongcwatshwa ngoMgqibelo kanti umngcwabo uzoqala ngo-08:30 ekuseni esontweni i-Faith Community Sanctuary.

Okhulumela amaphoyisa ase-Kagiso, uKaputeni uSolomon Sibiya, uthe amaphoyisa aphenya icala ngemuva kokushona kwabantu abahlanu.

Uphinde wathi abantu abaningi baphuthunyiswe ezibhedlela ezihlukene lapho abathola khona usizo.

Izihloko zakamuva