Umshayisibhakela waseBrithani uConor Benn ubelungiselela impi enkulu yesicoco ebhekene noChris Eubank Jr.
Lukhulu abebezolilwela njengoba laba ababili banomlando owavela koyise ababenombango ongemuhle ngeminyaka yango-1990.
Kodwa uBenn uye wahlolwa ngoMfumfu odlule kwabuya imiphumela ethi unezidakamizwa egazini. Ngesikhathi kuqhubeka amalungiselelo empi lo mshayisibhakela wahlolwa kabili kwabuya imiphumela ethi unezidakamizwa zenzalo yomuntu wesifazane i-clomiphene.
UBenn wakuphika lokhu kodwa wavinjelwa iminyaka emibili kuzo zonke izimpi zesibhakela.
Kodwa kube nokushintsha kwezinto ngoLwesithathu ngesikhathi i-UK Anti-Doping kanye ne-British Boxing Board of Control beveza ukuthi inkinga kungenzeka kube “ukudla kakhulu amaqanda” kukaBenn.
“Kwakungekho ukwehluleka ezinkambisweni ezihlobene nokuqoqwa kwesampula, ukuhlaziya isampula, noma ukwephulwa kwamalungelo esampula kaBenn,” kusho ibhodi lokujezisa esitatimendeni.
“Ukudla kakhulu amaqanda kukaBenn okubhalwe phansi ngezikhathi ezifanele eqoqweni lesampula kuveze incazelo ephusile mayelana nokutholwayo.”
Phambilini lo mshayisibhakela (26) wathi kunomuntu ophambanise izinkomishi kumasampula akhe kodwa empeleni kwakungenxa yokuthi udle amaqanda amaningi.
Kuthiwa uBenn ubedla amaqanda angu-34 isonto ngalinye, kubika i-Boxing Kingdom.
Umgqugquzeli kaBenn, u-Eddie Hearn uthe iklayenti lakhe selikulungele ukuqhubeka nomsebenzi walo.
“Lokhu sekumayelana nokutholela uConor Benn izimpi,” kusho u-Hearn etshela i-Boxing Social podcast.
“UConor Benn engaqhudelana noma yikuphi emhlabeni, kodwa ukuze aqhudelane e-UK kumele adlule ezinqubweni ezithile. Asazi ukuthi lolu hlelo luzothatha isikhathi esingakanani. Ubelokhu ezilolonga emasontweni ayisithupha edlule. Usekulungele ukulwa.”
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: UConor Benn
Umthombo wesithombe: Twitter