Ukudideka kwi-ANC ngenxa yencwadi egunyaza ukumiswa kukaMengameli

Lungani Zungu

Ngemuva kwesikhashana nje kumiswe u-Ace Magashule emsebenzini ngoLwesithathu ntambama, kubekhona ushintsho olungavamile.

Incwadi evela kuNobhala-Jikelele eputshukile ithi akukho lapho eya khona.

Kunalokho, incwadi ithi bamisa uCyril Ramaphosa emsebenzini.

Ngabe yiqiniso noma amanga?

● Le ncwadi ibhalwe ezinsukwini ezimbili ezedlule mhla zi-3, okususe ukuqagela kokuthi ingamanga.

● Okhulumela i-ANC uPule Mabe uthe le ncwadi ingamanga.

● Ngokuhamba kwesikhathi i-ANC noMagashule uqobo bagcine sebethi le ncwadi iyiqiniso.

Ngemuva kokuqinisekisa ukuthi iyiqiniso ngempela, uSihlalo kazwelonke we-ANC uGwede Mantashe akayinakanga incwadi. Utshele i-Mail and Guardian ngoLwesithathu ebusuku ukuthi i-ANC bazoyichitha incwadi “njengevela kumuntu ophatheke kabi”.

UMantashe uthe isenzo sikaMagashule besingakaze sikhulunywe yiqembu. “Le yinhlangano. Awuvuki nje uthukuthele uthathe isinqumo bese usidlulisa.”

Khonamanjalo, uMagashule utshele i-M & G ukuthi: “Leyo ncwadi ayiyona amanga. Ngivele ngamtshela uPule [Mabe] ukuthi le ncwadi ayiyona amanga.”

Kule ncwadi, uthi iphini lakhe uJessie Duarte alinalo igunya lokummisa emsebenzini.

Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe isenzo sakamuva sikaMagashule sikhombisa ukuthi ubengumuntu obese ephelelwa yithemba. UKhumalo uthe izinsuku ezizayo zizoba zimbi njengoba lezi zinhlangothi zombili zizobe zibhekene.

Umthombo wesithombe: @magashule_ace

Izihloko zakamuva