Menzi Magubane
NgoLwesihlanu, ukuthukwa, ukubizwa ngenkawu nokungafunwa ngumphakathi, bese kuyinto enzima kakhulu ukuyibekezelela kowayengumdlali we-AC Milan uSeid Visin.
Lo mdlali oneminyaka engama-20 ushiye ibhola ngonyaka wezi-2016 wayokwenza izifundo zakhe ebe esebenza eceleni ebambe itoho njengoweta. Udlalele iqembu lebhola i-Atletico Vitalica kodwa ubesalokhu ecwaswa ngabantu bendawo. Yile kilabhu ememezele ukuthi utholakale eseshonile ekhaya lakhe e-Campania, e-Italy ngemuva kokuzibulala.
EYurophu, ubandlululo oluqondiswe kubadlali bebhola bohlanga olwehlukile luvamile.
I-Italy ne-Spain banezinga eliphezulu lokucwasa ngokobuhlanga emaligini abo aphezulu. Abadlali abahlaselwa kuphela ngababukeli kodwa abanye abadlali bahlaselwa ngisho nonompempe.
UVisin owazalelwa e-Ethiopia, owathathwa ngumndeni wase-Italy, wabhala incwadi ngoMasingana eyafundwa emngcwabeni wakhe.
“Noma ngiyaphi, noma ngabe ngikuphi, ngizwa isisindo sokubukwa ngabantu ngokungabaza, nokucwasa okungenza ngesaba,” kufundeka umbhalo.
“Ngathathwa ngiseyingane futhi ngiyakhumbula ukuthi wonke umuntu wayengikhonzile. Nomaphi lapho ngangihamba khona, wonke umuntu wayekhuluma nami ngenjabulo, inhlonipho kanye nomdlandla. Manje kubukeka sengathi yonke into isijikile.”
UVisin uthe abantu abadala ikakhulukazi yibona abacwasana kakhulu. Wayesolwa ngokuthatha imisebenzi kumaNtaliyane amancane kanye nabamhlophe.
“Kunjengokuthi nginamahloni ngokuba umuntu omnyama,” kubhala uVisin.
“kufanele ngibonise abantu abangangazi ukuthi nami ngifana nabo: amaNtaliyane nabamhlophe.”
Uthe ubenza amahlaya amabi okubandlulula ukukhombisa ukuthi ungumNtaliyane.
“Kodwa bekuwukwesaba. Ukwesaba inzondo engiyibone emehlweni abantu ibuka abokufika.”
Umthombo wesithombe: @footballitalia