
Dylan Bettencourt
Phezu kokusabalala kwesigameko esenzeke enyuvesi yase-Stellenbosch ngesonto eledlule uMengameli uCyril Ramaphosa uthe ukucwasa ngokwebala kuseyingxenye yempilo yansuku zonke kuleli.
Esontweni eledlule umfundi omhlophe uTheuns du Toit ugqekeze egunjini lomfundi omnyama wafike wachamela izimpahla zakhe.
URamaphosa uchaze lesi sigameko njenge senzo esilulaza isithunzi nesibi kakhulu.
“Sesihambe kakhulu futhi sesizinikele kakhulu ukuguqula isimo sokuhlukumeza ngokwebala ukuthi singabuyela emuva sibhekane nakho futhi,” kusho uMengameli.
“Kumele sisebenzise lesi sigameko ukubhekana nenkinga yokungalingani kwezinhlanga nobuhlanga emphakathini wethu.”
URamaphosa uthe kuyakhathaza ukuthi isenzo esifana nalesi senzeke esikhungweni semfundo ephakeme lapho iningi labafundi bazalwe ngemuva kwesikhathi sobandlululo.
Ngaphezu kwesigameko le nyuvesi iphinde yagubuzelwa esinye isigameko ngesikhathi umfundi waseNdiya ecula iculo lesintu emdansweni wagconwa ngabanye abafundi.
UMengameli uvumile ukuthi indaba yase-Stellenbosch ayimile yodwa.
“Iqiniso ukuthi ukucwasa ngokwebala eNingizimu Afrika sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba. Uma singasheshe silibone lelo qiniso singashesha ukulishintsha,” kusho uRamaphosa.
Uthe iNingizimu Afrika njenge sizwe kumele ilwe nalesi sihlava.
“Kumele siqonde ukuthi hlobo luni lwamasiko ezikhungo olunomthelela ekucwaseni ngokwebala emsebenzini, ezinhlanganweni zezenhlalakahle nasemiphakathini,” kusho uMengameli.
“Ukuqeda ukucwasa akukhona nje ukushintsha izimo zengqondo, kodwa kumayelana nokushintsha izimo ezibonakalayo nanamuhla ezihlukanisa abantu abamnyama nabamhlophe baseNingizimu Afrika.”
Umthombo wesithombe:@Citypress