Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kube usuku olumatasa kwi-Johannesburg City Power njengoba amakhaya amaningi edolobheni lonke enenkinga kagesi.
Inkampani kagesi ithi ibilokhu ithola izikhalo eziningi kanti kuqoshwe izikhalo ezingu-1,549 ekuqaleni kwangoLwesithathu.
Okhulumela iCity Power u-Isaac Mangena uthe eziyisishiyagalombili zalezo zikhalo zidalwe ukucishwa kwe-Medium Voltage (MV) kanti ezinye kube izikhalo ezibizwa nge-Low Voltage (LV) kuzo zonke izifunda zedolobha.
“Amathimba ethu kuzo zonke izikhungo eziphakela ugesi (SDC), athunyelwe ukuyophenya ngalezi zinkinga kanti amanye amathimba aphansi phezulu abheka okunye okukhalwa ngakho.
“Sizohlanganisa amaqembu ezindaweni usuku lonke ukuze siqinisekise ukuthi ukulungiswa kwenziwa ngokushesha futhi nogesi uyabuya,” kusho uMangena.
Uthe i-City Power ayikwazi ukubhekana nokusalela emuva okukhulu kwezikhungo emahoreni angu-24 edlule njengoba iphelelwa yimpahla, njengezintambo ze-MV, izintambo ze-LV, iziteshi ezincane (MSS), i-Bulk Metering Kiosk, ama-breaker kanye nama-joints.
“Ama-SDC ethu abhekene nengwadla yokubhekana nezidingo eziphezulu zokuthi zilungiswe ngenxa yokwebiwa kwamakhebula nokucekelwa phansi kwempahla kanye namakhebula amaningi angalungile,” engeza.
Ukucishwa kukagesi kuphinde kube nomthelela omubi kwingqalasizinda obekungahlosiwe ukuthi ivulwe iphinde ivalwe ngezikhathi ezimfishane.
“Ngenxa yaleso sizathu iziteshi zethu eziningi ezincane (i-MSS), ama-transformer afakwe esigxotsheni kanye nama-transformer avame ukuvutha noma ahluleke ukucisha ngenxa yezizathu ezahlukene.”
Uthe njengoba kunezigaba eziphakeme zakamuva zokucinywa kukagesi, i-City Power kufanele ishintshe impahla yesitoko ngokushesha kunalokho azomosheka.
“Siphinde sihlangabezane namaphutha amaningi njengoba amakhebuli ethu amaningi amadala ezonqanyulwa alungiswe ngokuwahlanganisa namakhebuli amasha ngenxa yokwebiwa okwenzekayo.”
Ngenxa yalokho noma nini uma kuba nokucishwa kukagesi namandla abuyayo ukukhuphuka kwala mandla kuzothinta izindawo ezibuthakathaka kwikhebula kubangele ukuthi ahlukane phakathi.
Empeleni amaphutha ekhebula anyukile njengoba amaphutha amaningi esenzeka kumajoyinti ekhebula eshintshiwe. Uma kuwukuthi bekungekho ukucishwa kukagesi inethiwekhi kagesi ibizohamba kahle.
Izindawo ezinengcindezi kubalwa kuzo i-Reuven ekuseni ebinezikhalo ezingu-308, i-Lenasia ngezikhalo ezingu-310, i-Roodepoort ngezingu-258 kanye ne-Hursthill ngezikhalo ezingu-237.
E-Alexandra kwebiwe izintambo ezine ngesikhathi esisodwa kwafaka ingxenye enkulu ezindaweni ezintathu ebumnyameni.