Ukucishwa kukagesi kusho ukuwa kwe-ANC 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Okufanele i-ANC ikwenze ukuze iwine ukhetho oluzayo ukuqeda ukucishwa kukagesi noma ikwehlise kakhulu.

Amaqembu aphikisayo abambelele enkingeni yezaMandla kanye nogesi njengoba le nkinga iba yimbi kakhulu ngaphambi kokhetho lukazwelonke lwango-2024.

I-ANC eyathola u-57.5% wamavoti okhethweni lwango-2019, isengcupheni yokungawatholi amavoti acacile okhethweni oluzayo.

Iwine nje u-45,5% wamavoti okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021.

Ukuntuleka kwemisebenzi, inkohlakalo, izindleko eziphakeme zokuphila kanye nokuwa kwengqalasizinda konke kulindeleke ukuthi kugqame kakhulu njengoba abavoti bezovota.

Kodwa akukho okuzoqhathaniswa nokucishwa kukagesi okudla umnotho u-R1 billion ngosuku okwehlise ukukhula komnotho ngo-2% nokukhinyabeza ukudalwa kwamathuba emisebenzi kuyo yonke imikhakha.

UNgqongqoshe wezaMandla uGwede Mantashe uthe uhulumeni we-ANC uzokwenza konke okusemandleni ukusimamisa ugesi kanye nokuqeda ukucishwa kukagesi zingakapheli izinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-12.

UMantashe uthe uma ukucishwa kukagesi kuyiyona kuphela inhlamvu emkhankasweni wokhetho wamaqembu aphikisayo i-ANC izophinde iwine.

“Nginesiqiniseko sokuthi ngalolu hlelo oluholwa uNgqongqoshe inkinga yokucishwa kukagesi izoxazululwa zingakapheli izinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-12 njengoba ngangibikezele.

“Ngithe izinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-12 futhi ngiyaphinda namuhla; izinyanga eziyisithupha kuya kwezingu-12.

“Uma kuyiyona kuphela into abantu abacabanga ukuthi bazosikhipha ngayo emandleni kuzomele babheke okunye,” kusho uMantashe etshela i-Newzroom Afrika.

Isinqumo sokucishwa kukagesi sizoshintsha ngokuphelele isimo sezepolitiki ngaphambi kokhetho lukazwelonke olubaluleke kakhulu kuleli kusukela ngo-1994.

Ukucishwa kukagesi kube inkinga enkulu eyehlise imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa yokwakha kabusha izwe.

Uhulumeni kaRamaphosa ukumisile ukuqolwa kwezinkampani zikahulumeni okwadla abakhokhi bentela imali engaphezu kuka-R1 trillion eminyakeni eyishumi.

Kodwa imizamo yokwakha kabusha amandla ombuso kanye nokwenza ukuthi elakuleli libe indawo yokutshala imali iye yaphazanyiswa ukucishwa kukagesi.

Umholi we-DA uJohn Steenhuisen uhola imizamo yokuhlanganisa amaqembu aphikisayo ahlukene ngaphansi kwesivumelwano esibizwa nge-“Moonshot” sokuqumba phansi i-ANC.

Izihloko zakamuva