Ukucisha kukagesi kuphazamise isikhumulo sezindiza saseKapa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Isikhumulo sezindiza iCape Town International Airport kudingeke ukuthi sivalwe ngeSonto ebusuku ngenxa yokunqamuka kukagesi.

I-Airports Company South Africa (ACSA) ikuqinisekisile ukuthi ugesi e-Runway ucishile, okuphazamise ukusuka kanye nokuhla kwezindiza kulesi sikhumulo.

“Sicela nazi ukuthi Isikhumulo Sezindiza Samazwe Ngamazwe SaseKapa (CTIA) njengamanje sibhekene nenselelo yokuphela kukagesi ekuphazamise ama-runway lights, i-airside fire kanje ne-traffic navigation service. Ngenxa yalokho, izindiza azikwazi ukuhlala noma ukusuka.”

I-ACSA ithe ochwepheshe bayazama ukulungisa le nkinga.

I-Flysafair ithe izindiza zidluliselwe ePort Elizabeth, kanti ezinye izinkampani zezindiza okubalwa kuzo i-Air Mauritius ne-KLM zaphambukiselwa eGoli.

Isithombe esingenhla. Isikhumulo sezindiza saseKapa

Umthombo wesithombe: CTIA

Izihloko zakamuva