Ukuchitha imali kwe-Chelsea kuzoyidalela izinkinga 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Chelsea iqhubekile nokuchitha imali njengengane ecebile enekhadi lesikweletu likababa wayo ewindini langoMasingana lokudlulisa abadlali. Kodwa lokho kungase kufake leli qembu lase-London enkingeni enkulu.

Bakhiphe imali engango-£301 million (R6.6 billion) ngenyanga nje. Lokhu sekufake i-Chelsea “ohlwini lokubukwa” inhlangano elawula ibhola e-Europe, i-Uefa.

Iqembu lathengwa usozigidi waseMelika uTodd Boehly kanye nenhlangano yabatshalizimali ngoNhlaba nyakenye. Abanikazi abasha basebenzise imali engaphezu kuka-£500 million (R10.5 billion) kusukela ngehlobo eledlule laseYurophu.

Kodwa manje njengoba sebesebenzise imali, i-Chelsea idinga ukwenza isiqiniseko sokuthi kukhona inkokhelo ngokwemiphumela enkundleni noma isengozini yokujeziswa.

  1. I-Chelsea kuzomele iqede ise maqenjini amane ahamba phambili kwi-Premier League kule sizini noma izobhekana nokwephula imithetho ye-Financial Fair Play (FFP).

I-Uefa yethule umthetho “wokulawula izindleko zeqembu” lapho amaqembu avunyelwe khona ukusebenzisa u-90% wemali yawo engenayo minyaka yonke emalini yabadlali, ukudluliswa kwabadlali kanye nezinkokhelo zama-ejenti.

Uma i-Chelsea ingakwazi ukungena kwi-Uefa Champions League ngesizini ezayo izothola imali encane bese iphoqeleka ukuthi ikhiphe abadlali abaningi ukuze ibambelele emithethweni.

“Isikweletu semiholo se-Chelsea ngo-2021 sasingu-£333 million futhi lokho kwakungaphambi kokuthi leli qembu litshale inqwaba yabadlali abanezinkontileka zesikhathi eside okungenzeka ukuthi nabo bahola kahle,” kusho umhlaziyi wezezimali webhola likanobhutshuzwayo uKieran Maguire, kubika i-The Times.

“Into okungenzeka ukuthi ikwazi ukukhipha i-Chelsea kulo mgodi ojulile ukuthi inabo abadlali abangene kulesi sikhungo ababalwa njengezindleko ezingekho kwi-FFP. Laba badlali bengathengiswa ngemali enkulu.”

Lokho kusho ukuthi abadlali abafana noRuben Loftus-Cheek, uConor Gallagher kanye Callum Hudson-Odoi bangabhekana nomnyango ophumayo uma i-Chelsea yehluleka ukuthuthukisa imiphumela.

Njengamanje iqembu likaGraham Potter lihlezi endaweni yeshumi ohlwini lwe-Premier League kanti liwine imidlalo eyisishiyagalombili kuphela kwengu-20 kule sizini.

Kubonakala kungenakwenzeka ukuthi i-Chelsea ikwazi ukungena kwi-Uefa Champions League kule sizini – ngaphandle uma ingawina.

I-Chelsea ibuyile efomini neqembu elihle kakhulu njengoba ngoLwesihlanu ebusuku izobhekana nomakhelwane bayo i-Fulham ngehora leshumi ebusuku.

Esithombeni esingenhla: U-Enzo Fernandez osanda kusayina kwi-Chelsea

Umthombo wesithombe: @ChelseaFC

Izihloko zakamuva