Ukucekelwa phansi kwamakhebuli akwa-Eskom e-Free State kucishe kwabeka izwe esigabeni sesithupha

Celani Sikhakhane

Ukucekelwa phansi kwebhande lakwa-Eskom e-Free State kucishe kwafaka izwe obishini.

NgoLwesihlanu isikhulu sakwa-Eskom u-Andrew Dr Ruyter ubikele abezindaba waveza ukuthi uphenyo lokuqala luthole ubufakazi bokuthi izinsiza eziyisishiyagalombili ezibizwa ngokuthi ngama-stays, zanqanyulwa esikhungweni sikagesi i-Lethabo.

“Ama-stays asikiwe bekuyizinsimbi eziwu-24mm ububanzi, futhi beziqinile,” esho.

Uthe sekusele amahora ayisithupha ngaphambi kokuphela kwamalahle emagumbini okubeka izinto e-Lethabo, okusho ukuthi izwe lisondele kakhulu kusigaba sesine noma kusigaba sesithupha sokuhamba kukagesi, obekuzoqalwa ukube amalahle aphelile kanye namandla e-Lethabo ayizi-3,558 megawatts (MW) okukhiqiza. Amandla alahlekile.

Wengeze ngokuthi kunobufakazi obusobala bokuthi kukhona ithuluzi elisikiwe elithintekayo. Uthe abukho ubufakazi bokugqwala kwanoma yiluphi uhlobo.

“Okuphinde kwaqubula izinsolo ukuthi lesi bekuyisenzo sokucekela phansi ngamabomu futhi akukho okuntshontshiwe,” kusho uDe Ruyter.

I-pylon iwile emahoreni ambalwa nje ngemuva kokuba intambo yokunwetshwa iwiswe ku-transformer yithimba elisebenza ngokupholisa ama-fan e-Matimba Power Station, esinye isiteshi sikagesi esithembeke kakhulu sakwa-Eskom, okubangele ukuthi amayunithi amathathu agibele kanyekanye kwaba nokulahlekelwa kwamandla okuyizi-1,845 MW.

U-Eskom ukwazile ukubuyisela amayunithi amabili azosebenza ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu, kodwa uDe Ruyter uthe lesi sigameko “sivuse izinsolo”.

Izihloko zakamuva