Ukubuya kwesibhakela bukhoma ku-SABC kwenze abathandi bezemidlalo bajabule ngokweqile

Linda Ximba

Abathandi besibhakela abakhathazekile abeneme ngendlela i-SABC eyeke ngayo ukukhombisa imidlalo yesibhakela kumabonakude ezikhathini zakamuva selokhu i-SuperSport yakhetha ukusakaza imidlalo yesibhakela.

Kodwa manje, uGary Rothborne, oyiNhloko yezeMidlalo kwa-SABC, ukuqinisekisile ukuthi njalo ngeSonto  kuzosakazwa bukhoma imidlalo yesibhakela esibukhoma futhi abalandeli bazobuka le midlalo esiteshini se-Openview Sport 124.

“Ukuyekwa kokusakazwa okwaqala ngowezi-2010 kuthinte abagqugquzeli nabashayisibhakela,” kusho uRothborne.

“Vele sesisakaze imincintiswano emibili yase-Gauteng kanti impendulo ibe yinhle kakhulu. Kukhombisa ukuthi abantu babulawe yindlala yesibhakela”.

Unxuse abagqugquzeli ukuthi bafake izicelo zokuthola izinsuku ezikhona.

Umgqugquzeli wesibhakela waseKZN uZwi Magudulela uthe ujabule kakhulu ukuthi izikhathi zantambama ngeSonto zibekelwe ukubukwa kwesibhakela bukhoma.

“Eminyakeni ethile edlule isibhakela sasibukhoma kumabonakude ngemuva komdlalo webhola ngeSonto. Siyajabula ukuthi iyabuya,” kusho uMagudulela, ongumnikazi we-Ludonga Boxing Promotions.

UZandile Malinga we-Starline Promotions uthe: “Lolu hlelo luzokwenza ukuthi abagqugquzeli bakwazi ukuvuselela isithombe sesibhakela esilahlekile ngenkathi besiza ngokuthi kuthandwe lo mdlalo”.

Uthe ngalezo zinsuku abadlali abafana noBabyJake Matlala, uDingaan Thobela kanye no-Aaron Kabi babekuthokozela ukuhlonishwa ngoba izimpi zabo zazikhonjiswa kumabonakude.

“Okwamanje ompetha besizwe abaziwa ngoba ababonwa komabonakude,” kusho uMalinga.

Umqhudelwano olandelayo ozosakazwa yi-SABC uzoba e-Booysens Hall e-Gauteng ngeSonto lomhlaka zingama-26 kuMandulo.

Umdlalo wesibhakela ozohamba phambili kulokhu kuzoba umqhudelwano we-junior welterweight phakathi kwalowo ophethe, uPrince Dlomo noSiseko Makeleni kanti u-Abdulaziz Kunert no-Asanda Gingqi bazohlangana emdlalweni omkhulu wokulwela isicoco se-SA featherweight esingenamuntu.

Umthombo wesithombe: @DailyMaverick

Izihloko zakamuva