Ukubulawa okungenangqondo kushiye abahlali base-Gqeberha beshaqekile

Mkhuseli Sizani

Ukudutshulwa okungenangqondo kukaPhumla July ngoLwesihlanu ekuseni kucekele phansi umphakathi waseZwide e-Gqeberha, phambilini obekwi-Port Elizabeth.

UPhumla umama obeneminyaka engama-61 ubudala nezingane ezintathu, udutshulwe wabulawa eduze komuzi wakhe ngemuva kokuhambisa umzukulu wakhe oneminyaka eyishumi ubudala esikoleni i-Daniels Primary.

Imbangela yalokhu kubulawa ayaziwa.

Abesifazane bebebukeka bengakholwa ngesikhathi isidumbu sakhe silele echibini legazi ku-Qeqe Street. Ubesagqoke umfaniswano wakhe wokuhlanza.

Indodana yakhe ethukile uSakhiwo itshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi udadewabo umshayele ucingo ngehora le-7 ekuseni wamtshela ukuthi umama wabo useshonile.

Uthe, umama wabo ubethanda ukuhambisa umzukulu wakhe esikoleni.

“Ubebuyela ekhaya ezolanda imoto yakhe aye emsebenzini esibhedlela iMpilo lapho ebesebenza khona kusukela ngowe-2010 ehlanza isibhedlela.

“Bekuyena kphela umzali wethu futhi usikhulise ngothando,” kusho uSakhiwo.

“Asazi ukuthi sizokuchaza sithini ukushona kwakhe kubazukulu bakhe. Ubethandwa yiwo wonke umuntu futhi engakaze abe nezinkinga nabantu.”

Wayethe ufuna ukuthatha umhlalaphansi eseneminyaka engama-65 ngemuva kokukhokhela imoto yakhe yesibili.

“Akukho lutho oluthathwe kuye,” esho.

Umakhelwane uNozukile Daniel uthe: “UPhumla ubeyinsika yalo mphakathi. Uma singenawo ugesi wayesithengela futhi angalokothi acele ukuthi simkhokhele. ”

UNokuzile uthe, ubebagibeza emotweni yakhe uma bengayitholi ijikeleza.

“Ababulali bakhe basibulele nathi. Uhulumeni kufanele abuyise isigwebo sentambo.”

Ukaputeni uAndre Beetge usiqinisekisile lesi sigameko.

“Kuvulwe icala lokubulala. Imbangela yalokhu kubulawa ayaziwa, akekho oseboshiwe.”

Isihloko: Abahlali bashaqekile ngemuva kokudutshulwa kubulawe uPhumla July elokishini laseZwide.

Isithombe: Mkhuseli Sizani

Izihloko zakamuva