I-Nigeria ishaqekile ngemuva kokuthi amasosha evulele ngenhlamvu kubabhikishi ababethukile ngoLwesibili ebusuku abathathe ividiyo begwaca futhi bememeza.
Amasosha abese ejikisa ama-ambulensi abethunyelwe ukuzosiza abalimele.
Intsha ibilokhu ibhikisha emadolobheni ezweni lonke mayelana nesihluku esenziwa ngamaphoyisa kanye nenkohlakalo.
Ukudubula kwangoLwesibili ebusuku kwenzeke e-Lekki, e-commercial hub north e-Lagos, lapho ababhikishi baphikisane khona nesikhathi esibekiwe sokubuyela emakhaya.
Imibiko eyahlukene iveza ukuthi baphakathi kwabantu abayisikhombisa kanye nabayisishiyagalolunye abashonile kanti abanye balimele, kodwa isibalo kungenzeka sibephezulu kakhulu.
Amavidiyo amaningi enziwe kulesi sigameko akhombisa amasosha evulela inhlamvu kuzakhamuzi ezingenakuzivikela.
Umangabe isinyathelo samasosha bekungesokuvimba imibhikisho benze okuphambene kunalokho ngokwenza isimo sabanzima kunakuqala.
Iningi leziteshi zamaphoyisa kanye nezakhiwo zikahulumeni ziye zahlaselwa futhi ezinye zashiswa.
NgoLwesithathu ekuseni amasosha ahlenge iOba (inkosi) yase-Lagos, uRilwanu Akiola, kwintsha ethukuthele engene ngendluzula esigodlweni yazama ukusishisa.
Abaholi bemibhikisho bafunge ukuziqhelelanisa ezenzweni zobudlova.
NgoLwesithathu abenzi bomthetho babhikishe mayelana nesenzo samasosha futhi bakucacisa ukuthi imibhikisho ibumbe abantu base-Nigeria kungakhathalekile ukuthi uphuma kuphi nezwe, wabuphi ubuhlanga noma inkolo.
“Imibhikisho ibangelwe ukudikibala kwentsha yase-Nigeria esibone uhulumeni ehluleka kaningi ukunikezela ngezidingo zabantu kanye namathuba wokuthi benze izinto ezinenqubekela phambili empilweni,” bayasho.
Isikhulu sase-Nigeria kanye nosenesikhathi eside ephikisa imithetho yamasosha, uWole Soyinka, ulahle uhulumeni wamasosha ngokuthatha isinyathelo esingavumelekile ngokufaka amasosha ahlomile kubabhikishi.
USoyinka uthe ababusi be-Lagos abamemanga amasosha futhi abazange bekhalaze ngokulahlwa phansi komthetho kanye nokuhleleka”.
Abaculi base-Nigeria njengoTiwa Savage kanye noBurna Boy babhale i-Twitter ngobumbano lwamazwe omhlaba.
Imiphakathi yase-Nigeria ehlakazekile iye yabumbana abhikisha kumanxusa emhlabeni wonke, kubalwa ngaphandle kwikhomishini ephezulu yase-Nigeria eGoli.
Isithombe: @redfishstream