Ukuboshwa kukaNorma Mngoma ngoKlebe ngoNtulikazi ngonyaka owedlule kwakungekho emthethweni.
“OKlebe basebenza ngesenzo sobubi,” kusho iJaji uCassim Sardiwalla weNkantolo eNkulu eseNyakatho ne-Gauteng.
UMngoma, owayengunkosikazi kaNgqongqoshe uMalusi Gigaba, waboshwa wabekwa icala lokwehlisa isithunzi somuntu nokucekela phansi impahla.
Inkantolo izwe ukuthi icala lokwehlisa isithunzi somuntu liphathelene nezinsolo zokuthi wathumela umyalezo ongathandeki ku-WhatsApp kamngani kaGigaba.
UMngoma usolwa nangokulimaza i-Mercedes-Benz G63 AMG yomyeni wakhe kanye nokuyiklwebha ngommese.
“Ngemuva kokubheka amaqiniso alolu daba nezimpikiswano, isicelo sinikezwa ngokushesha,” kusho iJaji uSardiwalla ngesikhathi ekhipha lesi sinqumo.
Uthe ubufakazi bukhomba ukuthi oKlebe basebenza ngesenzo sobubi ekwenzeni imiyalo yowayenguNgqongqoshe.
Ijaji liphinde lakhipha umyalelo wokuthi kubuyiswe yonke imininingwane eyasuswa ezintweni zakhe zobuchwepheshe.
“Isinqumo sokukhishwa kwencwadi egunyaza ukuboshwa besingekho emthethweni. OKlebe bathathe i-laptop yakhe bamtshela ukuthi ilungelo lokushayela ummeli wakhe ucingo akanalo,” kusho iJaji uSardiwalla.
UMngoma walufaka enkantolo lolu daba ngemuva kokuboshwa kwakhe ngoKlebe, wase ethi ngaleso sikhathi umyeni wakhe owayesehlukene naye uyena owambophisa ukuze amfundise isifundo.
UMngoma kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngamacala afanayo kusasa.