Ukubhidlika kwedamu i-Jagersfontein kubikwa ukuthi kwakunganqandeka

Lubhalwe nguPalesa Matlala

· Abaphenyi bathi idamu lakhiwe endaweni engazinzile kanti onjiniyela baxwayiswa ngezingozi zokuphepha kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba libhidlike.

Abantu abahlanu, okuhlanganisa onjiniyela nezimenenja, babhekene namacala ahlanganisa ukubulala nokuphula imithetho yezempilo nezokuphepha.

Umbiko ozimele uthole ukuthi ukubhidlika kwedamu lemayini yase-Jagersfontein bekungavinjelwa nokuthi le mayini kungenzeka ukuthi ayizinakanga izimpawu eziyisixwayiso iminyaka.

Lo mbiko ukhishwe nguNdunankulu wase-Free State uMaQueen Letsoha-Mathae futhi wenziwa ngongoti baseNyuvesi yasePitoli kanye naseNyuvesi yase-Witwatersrand.

Umbiko uveze kuthi izindonga zamadamu ama-tailings azizinzile futhi akusetshenziswanga izinto ezifanele ngesikhathi kwakhiwa. Ukuwa kwangomhlaka-11 kuMandulo ka-2022 kwaba umphumela wokuhluleka konjiniyela besikhathi eside, izimpawu ezazitshwa, nokungabhekwa kahle kwebhuloho.

Umbiko uphinde uthi inkampani yezimayini kungenzeka ukuthi uyayazi ukuthi idamu lisengozini ekuqaleni kuka-2019.

ULetsoha-Mathae uthe uhulumeni unobufakazi obuqinile futhi uyathemba ukuthi izinkantolo zizobajezisa labo abathintekayo.

“Sithembisa abantu baseJagersfontein ukuthi sizolulandela lolu daba, futhi senza kanjalo. Lolu phenyo alwenziwanga uhulumeni, kodwa lwenziwa izikhungo zemfundo ephakeme. Bekuwuhlelo olusobala,” kusho yena.

Abantu abahlanu okuhlanganisa onjiniyela, isikhulu esibhekele ukuthobela imithetho kanye nomphathi wezokusebenza, babhekene namacala okubulala, ukucekela phansi impahla kanye nokwephula uMthetho Wezempilo Nokuphepha.

Umbiko uthole ukuthi uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (DWS) wakhipha umyalelo ngasekupheleni kuka-2020 owawuyalela imayini ukuthi iyeke ukulahla udoti edamini kuze kube kulethwa uhlelo lokuvala. Ukusebenza kwamiswa ngoMasingana ka-2021 kodwa kwaphinde kwaqalwa ngoNhlangulana, yize uhlelo lokuvala lingamukelekanga.

Izindonga eziwumqansa zedamu, ukwakha okungekuhle kanye nokuntuleka kokukhipha amanzi ngendlela efanele kwenza isakhiwo saba buthaka ngendlela eyingozi, kusho ochwepheshe.

IPhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, amanzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Jacob Mahlobo, uthe ukholwa wukuthi izinkantolo zizoyithola inecala imayini.

“Ngomyalelo kaMengameli Cyril Ramaphosa, mina, iMeya uTletseletsele kanye noDkt Tseliso Ntili boMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle sabeka icala ukuze lolu daba luphenywe ngendlela,” kusho uMahlobo.

Esithombeni esingenhla: Isizinda sokudilika kwedamu lemayini yase-Jagersfontein

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva