Ukubhema Kuyabulala

Kamogelo Muvhenzhe

Usuku lonke isiguli besilokhu sicela ukubhema, kodwa abahlengikazi bala baphetha basitshela ukuthi akavumelekile ukubhema ewadini lesibhedlela.

Kodwa-ke ngeshwa, kubonakala sengathi isiguli sikwazile ukungenisa ugwayi ngabo-3: 00 ewadini labane-Covid-19 ngoLwesibili, sase siphonsa isinqamu sogwayi phansi ngemuva kokuqeda ukubhema.

Njengamanje iziguli ezimbili ebezigula kakhulu, ezangeniswa zinenkinga yokuphefumula kanzima, zibulewe ukuhogela intuthu ngemuva kokuthi kusolwa isinqamu sikagwayi ukuthi siqale umlilo kwasha ewadini.

Abahlengikazi basesibhedlela i-FH Odendaal Hospital e-Modimolle e-Limpopo, bathi ngoMsombuluko isiguli besilokhu sicela ukuthi sibhemele ngaphakathi ewadini kodwa bengasivumeli.

UNgqongqoshe wezeMpilo e-Limpopo, uPhophi Ramathuba, uthe abahlengikazi bakhiphe iziguli ewadini. Umlilo uqothule iwadi yabane-Covid-19 kodwa wanqandwa ngaphambi kokuba usabalale.

Omunye wabashonile bekuyisiboshwa esineminyaka engama-61 ubudala ebesiboshwe e-Modimolle Correctional Centre bese lesi esinye isiguli silethwe sisuka e-Lephalale.

URamathuba uthe: “Uma abantu belethwa esibhedlela sinethemba lokuthi bazolulama baphinde bahlangane nemindeni yabo. Ukuthi badlule ngale ndlela ebuhlungu kuyinhlekelele.”

Uthe abaphenyi abathunyelwe esibhedlela bazokwenza uphenyo oluphelele ngembangela yomlilo.

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSingabakho Nzumalo, ukuqinisekisile ukuthi lesi siboshwa esineminyaka engama-61 besigwetshelwe ukudlwengula futhi besidonsa isigwebo sikadilikajele.

“Sithumele osonhlalakahle abazokwazisa umndeni,” esho.

Scrolla World Cup Quiz