Ukubhaxabulwa ngokugqoka izimpahla ‘ezingamanyala’

Le vidiyo iveza lona wesifazane ehleli phansi eshaywa ngokuphindelela ngebhande lesikhumba yisosha lase-Nigeria.

Yize ekhala ecela uxolo, isosha limshaya imizuzwana engaphezu  kwengama-40, limtshela ukuthi asuse isandla sakhe.

Ngokusobala isosha liphikisana nowesifazane ogqoke i-camisole top ebonakalisayo nezinwele ezisawolintshi.

Ukushaywa kowesifazane kwenzeke edolobheni lase-Ibadan eliseduze nase-Lagos. Lesi ngesinye sezigameko eziningi ezibikiwe zokuhlukunyezwa ngabezokuphepha ngenxa yemibhikisho yentsha e-Nigeria.

Amasosha aphinde asika izinwele zamadoda ngesikele, ethi anezinwele ezingezinhle.

Uphiko lwezempi oluthunyelwe ukubhekana nale mibhikisho lubizwe nge-Operation Burst.

Omunye osemusha uthe washaywa ngamasosha.

“Ngesikhathi ngima bangishaya bathi angiguqe phansi. Bakhiphe isikele base bangigunda izinwele. Base bethatha imali kimi yokugunda izinwele,” uyasho.