Razeen Gutta
Unozinti wase-Zambia, uHazel Nali walwa kanzima ukuze adlale ibhola, kodwa manje usekhuthaze abantu abaningi besifazane.
UNali, owangena enkingeni ngokudlala ibhola esemncane, walwa nabazali bakhe ababefuna agxile ezifundweni zakhe kunasebholeni.
“Ngempela ngaba nezinkinga eziningi kwaze kwadingeka ukuthi ngishintshe indawo engangihlala kuyo. Ngaya eholidini ngavakashela ugogo wami. Ngakhala kakhulu ngoba ngangifuna ukuqhubeka ngihlale lapho engangihlala khona ngijabulele umsebenzi wami wezemidlalo,” kusho uNali etshela i-BBC Sport Africa.
“Ngenza njalo. Ugogo wami wangikhuthaza ukuthi ngigxile esikoleni kodwa ngiphinde ngidlale nebhola.”
Ugogo wakhe ongasekho naye wayekwezemidlalo kanti yilokho okwagqugquzela uNali.
“Wayedlala ibhola lomnqakiswano. Ngaqala ukudlala ibhola futhi kusukela ngaleso sikhathi kuwumdlalo engiwukhonzile,” esho.
UNali waqala umsebenzi wakhe neqembu lase-Zambia labaneminyaka engaphansi kwengu-17 edlalela amaqembu ase-Turkey kanti manje usefinyelele esigabeni esiphezulu sokudlala kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa.
Ube yiqhawekazi ngesikhathi bedlala ne-Senegal ngesonto eledlule ngesikhathi eshaya igoli elenze iqembu lakhe liwine kumaphenalthi ngemuva nje kokuvimba ibhola elushisayo.
UNali uthe manje abazali bakhe bayameseka.
“Ngicabanga ukuthi ngesikhathi ngiqala ukubizwa eqenjini lesizwe abazali bami baqala lapho ukungeseka. Umama usengumlandeli wami omkhulu,” esho.
Umthombo wesithombe: @ZambianSoccerUpdates