Ukubambezeleka kwemiphumela ye-DNA e-lab yamaphoyisa yenza ukuthi kuthathe esikhathi eside ukuncwaba ugogo

Kamogelo Muvhenzhe

Ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule, kwabulawa ugogo oneminyaka engama-86 ubudala, uMartha Mokgwebane, okusolakala ukuthi wabulawa yindodana kamakhelwane wakhe.

Isidumbu sakhe saqotshwa saba yizicucu sashiswa ngendlela yokuthi angabe esabonakala, sase siphonswa ethoyilethi lomgodi.

Okwatholwa ngamaphoyisa ukuhlolela i-DNA kwakungamathambo akhe kuphela.

Yize umsolwa eboshiwe, umndeni kagogo ufuna ukumngcwaba ukuze umphefumulo wakhe uphumule ngokuthula bese beqhubeka nezimpilo zabo.

Kepha kubukeka sengathi lokhu kuzothatha isikhathi eside njengoba kunokusalela emuva e-SAPS Forensic Science Laboratory.

NgoNdasa, okhulumela inhlangano elwela amalungelo abantu i-Action Society uRineé Pretorius uthe kuqinisekisiwe ukuthi ukusalela emuva kwe-DNA njengamanje kungamacala ayizi-172 787.

Lokhu kwakungezezinyanga zikaMasingana noNhlolanja ngowezi-2021 kuphela, kungekho bufakazi be-DNA obucutshungulwayo.

Uthe izibalo ziyakhula njengoba ibhodi le-DNA lizama ukulungisa izinkinga ezisukela ekutholeni amakhemikhali e-DNA nezinto ezisetshenziswayo, ukungalawulwa kahle kwezinkontileka, ubuholi obubi emaphoyiseni kanye nezinkinga ze-IT.

Lokhu akukhona lokho umndeni kagogo uMartha ofuna ukukuzwa.

Indodakazi yakhe, uChristina Mthembu, oneminyaka engama-64, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi umndeni awukwazi ukuqhubeka nempilo ngaphandle kokuthi kungcwatshwe umama wakhe.

“Endaweni lapho kutholwe khona isidumbu sikamama, ngithathe isihlabathi lapho ebesilele khona nenye yenyama yakhe eyayishile. Ngakufaka ebhokisini elincane, ngakumboza ngengubo ngase ngikufaka egumbini lami lokulala ngethemba lokuthi sizomngcwaba kungekudala. Kubuhlungu lokhu, sidinga izimpendulo,” esho.

Ubuye wengeza ngokuthi izinto bezingabi lula emndenini selokhu kwabulawa ugogo ngoba ngokwesiko angeke beqede isikhathi sokuzila ngaphandle kokuthi angcwatshwe ugogo uMartha.

“Abanye babazukulu bakamama balahlekelwe yimisebenzi futhi sikholwa ukuthi lokhu kungenxa yokuthi akajabule ngokuthi akekho endaweni yakhe yokugcina yokuphumula,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe bazamile ukuchaza udaba lokusalela emuva emndenini njengoba beqonda ukuthi badinga izimpendulo.

“Sike saya e-Laboratory ngeviki eledlule ukuyobheka imiphumela kodwa yangatholakala. Icala nalo lihlehlisiwe kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwe-DNA,” esho.

Izihloko zakamuva